ISambulo 5 - IsiZulu 2020

Umbono Ngencwadi Enezisicilelo Eziyisikhombisa

1 Ngase ngibona esandleni sokunene salowo owayehleli esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshwe ngaphakathi nangaphandle, inamatheliswe yasicilelwa ngezisicilelo eziyisikhombisa.

2Ngabona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?”

3Kwakungekho namunye ezulwini nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, nokuba nje abuke kuyo.

4Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuvula leyo ncwadi, nokuba nje abuke kuyo.

5 Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali. INgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, inqobile, ukuze ivule incwadi nezisicilelo zayo eziyisikhombisa.”

6 Ngabona phakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine naphakathi kwamalunga kumi iMvana kungathi ihlatshiwe, inezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke.

7Yeza, yayithabatha esandleni sokunene salowo owayehlezi esihlalweni sobukhosi.

8 Kuthe isiyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angama-24 awa athi mbo ngobuso phambi kweMvana, yilelo nalelo liphethe ihabhu, nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.

9 Ahlabelela iculo elisha, elithi:

“Ufanele Wena ukuyithabatha incwadi,

nokuqaqa izimpawu zayo,

ngokuba wahlatshwa,

wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho

abavela kuyo yonke imindeni,

izilimi, abantu, nezizwe.

10 Wabenza baba ngumbuso

nabaphristi kuNkulunkulu wethu,

babuse emhlabeni.”

11 Ngase ngibona, futhi ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, izidalwa, namalunga, inani lezingelosi kwakuyizigidi nezinkulungwane zezinkulungwane,

12 zithi ngezwi elikhulu:

“Ifanele iMvana eyahlatshwa

ukwemukela amandla,

ingcebo, ukuhlakanipha, ukunqoba, udumo,

inkazimulo, nesibusiso.”

13 Ngase ngizwa zonke izidalwa ezulwini, emhlabeni, phansi komhlaba, nasolwandle, zonke zithi:

“KuYena ohleli esihlalweni sobukhosi nakuyo iMvana;

makube udumo, inkazimulo, namandla,

kuze kube phakade naphakade.”

14 Nezidalwa ezine, zathi: “Amen,” namalunga awa phansi athi mbo, akhuleka.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help