AMahubo 81 - IsiZulu 2020

Ihubo LomkhosiKumholi wokuhlabelela. NgeGititi. Elika-Asafa

1Halalisani kuNkulunkulu ongamandla ethu,

nimemeze ngenjabulo kuNkulunkulu kaJakobe.

2Hubani iculo,

nithathe isigubhu nohabhu;

imiqangala ekhala kahle.

3Shayani icilongo ngokwethwasa kwenyanga

nangokugcwala kwayo,

ngosuku lomkhosi wethu.

4Ngokuba kuyisimiso kwa-Israyeli,

nomthetho kaNkulunkulu kaJakobe.

5Wakwenza kwaba ngubufakazi obumileyo kwaJosefa,

mhlazana ephuma eGibhithe.

Ngezwa ulimi engingalwazi luthi:

6“Ngasusa ihlombe lakhe emthwalweni,

nezandla zakhe zakhululeka eqomeni.

7Wakhuleka usosizini, ngakukhulula;

ngakuphendula ngisekusithekeni kokuduma,

ngakuvivinya ngasemanzini eMeribha. Sela

8“Bantu bami, yizwani,

ngizofakaza kini

ngokuthi: Israyeli, sengathi ungangilalela!

9Makungabi bikho kuwe omunye uNkulunkulu,

ungakhuleki kunkulunkulu wabezizwe.

10Mina nginguSimakade uNkulunkulu wakho

owakukhuphula eGibithe;

khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.

11“Kepha abantu bami

abalilalelanga izwi lami,

u-Israyeli wangishaya indiva.

12Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo,

bahamba ngokuthanda kwabo.

13“Kwangathi abantu bami bangangizwa,

u-Israyeli ahambe ezindleleni zami.

14Izitha zabo bengizozithobisa ngokushesha,

abamelene nabo ngibashaye ngesandla sami.

15Abazonda uSimakade bayakuzithoba kuye,

ukubhujiswa kwabo kube phakade.

16Ngizonondla ngokusanhlamvu kwekhethelo,

yebo, nginisuthise ngoju oluvela edwaleni.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help