1Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Nanamuhla ukukhononda kwami kumunyu;
isandla sami sinzima,
nakuba ngibubula.
3Sengathi ngabe ngiyazi
ukuthi ngizomthola kuphi,
ukuze ngifike endaweni yakhe.
4 Bengiyakulwethula udaba lwami phambi kwakhe,
umlomo wami ngiwugcwalise ngamazwi empikiswano.
5Bengiyakuwazi amazwi abeyokungiphendula ngawo,
ngikuqonde abezokusho kimi.
6 Ubeyakuphikisana nami yini
ngamandla akhe amakhulu na?
Qha, ubeyongilalela.
7 Olungileyo ubengaphikisana naye,
mina ngikhululwe kumehluleli wami ingunaphakade.
8 Kepha uma ngiya phambili,
akekho lapho,
uma ngiya emuva, angimboni
9ngakwesokhohlo, lapho ezifihle khona, angimboni;
ujikela ngakwesokunene,
kepha angimboni.
10 “Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile,
ngiyakuphuma nginjengegolide.
11 Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;
ngiyigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.
12 Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;
amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami.
13“Yena akaguquki,
ngubani ongamguqula na?
Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe.
14Uyakukufeza lokho angiqokele khona;
nokunye okuningi okusemqondweni wakhe.
15Ngakho-ke ngiyamesaba nxa ngiphambi kwakhe,
uma ngicabanga ngaye ngiba nengebhe ngaye.
16 UNkulunkulu uyidangalisile inhliziyo yami.
uSomandla ungethusile,
17 Angibhujiswanga phambi kwesigayegaye,
nakuba okumnyama kungisibekele.”
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.