ILevithikhusi 9 - IsiZulu 2020

U-Aroni Unikela KuSimakade

1Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili, uMose wabiza u-Aroni namadodana akhe namalunga akwa-Israyeli.

2Wathi ku-Aroni: “Zithathele ithole leduna libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa okungenasici, unikele ngakho phambi kukaSimakade.

3Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo nenze ngayo umnikelo wesono, nethole, newundlu okunonyaka, okungenasici, kube ngumnikelo wokushiswa,

4nenkunzi nenqama kube yiminikelo yokuthula, nikuhlabe phambi kukaSimakade, nomnikelo wokusanhlamvu okuxovwe namafutha, ngokuba namuhla uSimakade uzozibonakalisa kini.’ ”

5Baletha phambi kwethende lokuhlangana lokho uMose ayeyale ngakho, kwase kusondela yonke inhlangano yema phambi kukaSimakade.

6 UMose wayesethi: “Nakhu uSimakade aniyala ngakho ukuba nikwenze, ukuze ibonakale kini inkazimulo yakhe.”

7 UMose wathi ku-Aroni: “Sondela e-althare, unikele ngomnikelo wakho wesono, nangomnikelo wakho wokushiswa, uzenzele wena nabantu ukubuyisana andukuba unikele ngomnikelo wabantu ubenzele ukubuyisana, njengalokhu uSimakade eyalile.”

8 U-Aroni wasondela e-althare, wahlaba ithole lomnikelo wakhe wesono.

9 Amadodana akhe aletha igazi kuye, wagcobhoza ngomunwe kulo, walibheca ezimpondweni ze-althare, elinye igazi walithululela esinqeni se-althare,

10kodwa amanoni nezinso nalawo asesibindini emnikelweni wesono wakushisa e-althare, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

11Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwenkambu.

12Wahlaba nomnikelo wokushiswa; amadodana akhe aletha igazi kuye, wafafaza ngalo macala wonke e-althare.

13Amnika izitho ngezitho zomnikelo wokushiswa, nenhloko, wakushisa e-althare.

14Wageza ezangaphakathi namanqina, wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e-althare.

15 Wayeseletha umnikelo wabantu, wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wabahlanza ngayo, njengaphambilini.

16 Waletha umnikelo wokushiswa, wawunikela njengalokhu kumisiwe.

17Waletha nomnikelo wokusanhlamvu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa e-althare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.

18 Wahlaba inkunzi nenqama kwaba yimihlatshelo yokuthula ongowabantu; amadodana akhe aletha igazi, walifafaza nxazonke e-althare,

19amanoni enkunzi, awenqama, awomsila ononileyo, umhlwehlwe, namanoni ezinso nawesibindi,

20awabeka phezu kwesifuba; wawashisa kwaba nentuthu e-althare;

21izifuba, nomlenze wangakwesokunene u-Aroni wakuzungezisa, kwaba ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade njengalokhu ayeyalile uMose.

22 U-Aroni waphakamisela izandla zakhe phezu kwabantu, wababusisa; wayesehla lapho ayekade enikela khona ngomnikelo wesono, nangomnikelo wokushiswa, nangeminikelo yokuthula.

23 UMose no-Aroni bangena ethendeni lokuhlangana, babuye baphuma, babusisa abantu. Inkazimulo kaSimakade bayibona bonke abantu.

24 Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, waqothula umnikelo wokushiswa, namanoni okwakuse-althare; abantu bonke bekubona lokho, bakhamuluka, bakhothama phansi ngobuso.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help