AMahubo 18 - IsiZulu 2020

Ihubo Lokubonga USimakade(2 USam. 22:1-51)Ihubo likaDavide, inceku kaNkulunkulu, aliqambe walethula kumhlabelelisi. Waliqamba ukuze adumise uSimakade ngesikhathi emkhulula kuSawule nakuzo zonke izitha zakhe. Wathi:

1Ngiyakuthanda, Simakade, ongamandla ami.

2Simakade, uyidwala lami nenqaba yami,

noMkhululi wami,

uNkulunkulu wami;

uyidwala engikhosela kulo,

isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami,

inqaba yami.

3Ngikhala kuSimakade omele ukudunyiswa,

ngisindiswe ezitheni zami.

4Izintambo zokufa zangizungeza,

izikhukhula zembubhiso zangikhungatha.

5Izintambo zendawo yabafileyo zangibamba.

Izihibe zokufa zangehlela.

6Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade,

ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami

esethempelini lakhe;

ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe.

7Umhlaba wazamazama, wathuthumela,

izisekelo zezintaba zanyakaza,

zashukumela emuva naphambili, wavutha.

8Ukhafula intuthu ngamakhala akhe,

kuthaphuke umlilo oqothulayo emlonyeni wakhe,

akhafule amalahle avuthayo.

9Uqhekeza isibhakabhaka

bese ehla emi ngezinyawo zakhe,

phezu kwesigayegaye sobumnyama.

10Uza endiza, egibele ikherubhi,

eshweza ngamaphiko omoya.

11Uzisonge ngobumnyama,

wazemboza ngemvula yamafu amnyama bhuqe!

12Wendulelwa ngumbani,

amafu akhe ehlisa isichotho

namalahle avuthayo.

13USimakade uyaduma esibhakabhakeni;

Ophezukonke uyabhodla,

wehlisa isichotho namalahle ankemuzelayo.

14Uciba ngemicibisholo yakhe,

izitha zihlakazeke;

umbani ulokhu uthi nyazi,

uzidudulela kude.

15Ngenkathi Wena, Simakade, uzithethisa,

lapho uzifutha ngamakhala akho,

umphefumulo wakho uziqumbe phansi.

Izinzulu zolwandle zavela obala,

nezisekelo zomhlaba zaba kwabha.

16USimakade welule isandla sakhe

esezulwini, wangixhakathisa,

wangidonsa, engikhipha ezikhukhuleni ezesabekayo.

17Wangisindisa ezitheni zami ezinamandla;

bezinamandla kunami,

kodwa Yena wangihlenga.

18Zingihlasele ngacishe ngabhubha,

kodwa uSimakade wangivikela.

19Ungikhululile kuzona;

wangisindisa ngoba engithanda.

20USimakade ungiklomelisile,

ngoba ngenza intando yakhe,

ungenzele okuhle,

ngoba ngimsulwa.

21Ngihlala ngihamba ezinyathelweni zikaSimakade,

angikuvumeli ukuziphatha kwababi,

kungehlukanise noNkulunkulu wami.

22Ngigcina yonke imithetho yakhe,

futhi izimiso zakhe angizishayi indiva.

23Ngangingenasici phambi kwakhe,

ngaziqhelelanisa nesono.

24USimakade wangivuza ngokwenza intando yakhe,

ngoba ukubonile ukuthi ngimsulwa.

25Uhlala ethembekile kulabo abethembekile kuye,

abangenasici ubavuza ngezipho ezipheleleyo.

26Konenhliziyo emhlophe

uzibonakalisa ehlanzekile,

kowonakele uzibonakalisa eyisigwegwe.

27NguWena osindisa abazithobayo,

ujabhise abaqhoshayo.

28USimakade uNkulunkulu wami,

ukhanyisa isibani sami,

akhanyise ubumnyama bami.

29Ngokuba ngawe ngingahlasela impi,

ngoNkulunkulu wami, ngingeqa ugange.

30Indlela yakho, Nkulunkulu, iphelele,

izwi likaSimakade lihlanzekile,

uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye.

31Ngokuba ngubani onguNkulunkulu

ngaphandle kukaSimakade na?

Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

32UNkulunkulu ongibhincisa amandla,

owenza indlela yami iphelele.

33Wenza izinyawo zami zibe njengezendluzele,

angimise ngiqine ezindaweni zami eziphakemeyo.

34Uqeqesha izandla zami,

ukuze ngikwazi ukulwa;

izingalo zami zibe namandla okugobisa

umnsalo wethusi.

35Wena unginike isihlangu

sensindiso yakho,

isandla sakho sokunene singiphasile,

ubukhona bakho bungenze ngaba mkhulu.

36Wandisile izinyathelo zami phansi kwami,

namaqakala ami awabhinyikanga.

37Ngazixosha izitha zami, ngazifica,

angibuyanga ngaze ngaziqede nya.

38Ngazilimaza, azakwazi ukuvuka,

zawa phansi kwezinyawo zami.

39Wena ungibhincisa amandla

ukuze ngimelane nempi,

abangivukelayo ubenze bangikhothamela.

40Unikele ngezitha zami kimi,

nabangizondayo ngabaqothula.

41Bakhala, kodwa akubangabikho obasindisayo,

bakhala nakuSimakade, kepha akaze abaphendula.

42Ngibacolisisa okothuli lupheshulwa yisiphepho,

ngibashabalalisa okodaka emgwaqweni.

43Wangikhulula kubantu abangivukelayo.

Wangimisa ngaba yinhloko yezizwe,

abantu engingabazi bangikhonza.

44Banele ukungizwa nje, bangilalela;

abantwana babafokazi bayathoba phansi kwami.

45Abafokazi babuna,

baphuma ezinqabeni zabo begubhazela.

46USimakade uyaphila, malidunyiswe idwala lami.

Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami.

47UNkulunkulu owangiphindiselela,

wenza izizwe zakhonza phansi kwami.

48UNkulunkulu ungiphindiselele,

wenza abantu bazithobe phansi kwami.

Wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

49Ngakho-ke ngiyakumbonga phakathi kwezizwe;

Simakade, ngiyakulihubela igama lakho.

50Uyenza ibe nkulu insindiso enkosini,

wenza isihe kogcotshiweyo wakhe,

kuDavide nabozalo lwakhe

kuze kube phakade.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help