UHoziya 2 - IsiZulu 2020

Umfazi OngathembekileUkumangalelwa KukaGomeri Nokwethwesa Icala

1“Bizani abafowenu ngokuthi: ‘u-Ami,’ nawodadewenu ngokuthi: ‘uRuhama.’

2“Phikisanani nonyoko,

nimmangalele,

ngokuba akayena umkami,

nami angiyona indoda yakhe.

Makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe,

nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,

3funa ngimhlubule abe nqunu,

ngimbhushuzelise njengosuku azalwa ngalo,

ngimenze afane nehlane,

abe njengezwe eligagadekile,

bese ngimbulala fi ngokoma.

4Angiyukubazwela abantwana bakhe,

ngokuba bangabantwana bobufebe.

5Unina wazifebela,

wabakhulelwa ngokwenza ihlazo,

ngokuba wathi ngizakuhamba

ngilandele izithandwa zami,

ezingipha isinkwa sami namanzi ami,

uboya bami bezimvu nefilakisi lami,

amafutha ami nokuphuzwayo kwami.

6Ngakho-ke bhekani,

ngizoyivala indlela yakho,

ngakhe ugange ngameva oluzomvimbela

nendlela yakhe angayitholi.

7Uyakulandela izithandwa zakhe,

kodwa akayukuzifica,

uyakuzifuna kepha akayukuzifumana,

bese ethi:

“Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala,

ngokuba kwakukuhle kimi

ngalezo zinsuku kunamanje.”

8Kepha ubengazi ukuthi yiMina

obemhlinzeka ngokusanhlamvu,

ngewayini elisha, ngesiliva,

ngamandisela negolide, abakusebenzisa kuBhali.

9“Ngakho-ke ngiyakubuya

ngithathe okwami okusanhlamvu ngesikhathi sakho

newayini lami elisha ngesikhathi salo,

ngithathe uboya bami bezimvu

nefilakisi lami lokwemboza ubunqunu bakhe.

10Manje-ke sengizokwembula ihlazo lakhe

zizibonela ngawazo amehlo izithandwa zakhe,

futhi akukho namunye

oyakumhlenga esandleni sami.

11Ngiyakuyiqeda nya yonke

imigubho yakhe yentokozo,

eyokwethwasa kwenyanga,

amasabatha akhe,

nawo wonke amadili akhe anqunyiweyo.

12Ngiyakucekela phansi imivini yakhe

nemikhiwane yakhe,

athe ngakho:

‘Kuyinkokhelo yami ezinginike yona

izithandwa zami;’

ngizokwenza kube yihlozi,

izilwane zasendle zikudle.

13Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali

lezo ayebashisela ngazo impepho,

ezihlobisa ngezindandatho zakhe

nangobucwebecwebe bakhe,

elandela izithandwa zakhe,

wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.

Uthando LukaSimakade Ngabantu Bakhe

14“Ngakho-ke bhekani,

ngiyakumyenga, ngimholele ehlane,

ngikhulume enhliziyweni yakhe.

15Kulapho-ke ngiyakumnika izivini zakhe,

nesigodi i-Akhori

sibe ngumnyango wethemba.

Uyakuphendula lapho

njengasezinsukwini zobusha bakhe,

nanjengosuku lokukhuphuka kwakhe eGibhithe.

16“Kuyakuthi ngalolo lusuku ungibize uthi:

‘Myeni wami,’

ungaphinde ungibize futhi ngokuthi:

‘Bhali wami,’ kusho uSimakade.

17“Ngiyakususa amagama oBhali emlonyeni wakhe,

abasayukukhunjulwa ngamagama abo.

18Ngalolo lusuku ngiyakubenzela

isivumelwano nezilwane zasendle,

nezinyoni zezulu,

nokuhuquzelayo emhlabathini.

Ngiyakunqamula umnsalo,

inkemba nempi ezweni,

ngibalalise phansi bephephile.

19Ngiyakuzithathela wena

ube ngumkami kwaphakade,

ngizithathele wena ngokulunga,

ngobulungiswa, ngomusa nangesihawu.

20Ngiyakuzithathela wena ngokwethembeka,

futhi uyakumazi uSimakade.

21Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiphendule,

ngiyakuphendula amazulu,

wona aphendule umhlaba,” kusho uSimakade.

22“Umhlaba uyakuphendula okusanhlamvu,

iwayini elisha namafutha amasha,

khona kuyakuphendula iJezreyeli.

23Ngiyakuzitshalela yena ezweni,

ngihawukele ongahawukelwanga,

ngithi kwabangesibo abantu bami:

‘Ningabantu bami,’

bona bayakuthi:

‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help