AMahubo 127 - IsiZulu 2020

Zonke Izibusiso Zivela KuSimakadeIhubo lokukhuphuka. ElikaSolomoni

1Uma uSimakade engayakhi indlu,

basebenzela ize abayakhayo;

uma uSimakade engawuvikeli umuzi,

umlindi wawo uwuqaphelele ize.

2Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni,

nephuze ukuphumula,

nidle isinkwa sezinhlupheko,

ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.

3Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade,

isithelo sesibeletho singumklomelo.

4Njengemicibisholo esandleni seqhawe,

banjalo abantwana bobusha.

5Ibusisiwe indoda emgodla wayo

ugcwele bona,

abayukujabha lapho

bekhuluma nezitha zabo esangweni.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help