UJoshuwa 14 - IsiZulu 2020

Ukwehlukaniswa Kwezwe Elisentshonalanga YeJordani

1 Lawa ngamafa u-Israyeli awathola eKhanani, u-Eleyazare umphristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zemindeni yoyise bezizwana zakwa-Israyeli abababela wona.

2 Ifa labo lehlukaniswa ngonkatho, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose maqondana nezizwana eziyisishiyagalolunye nengxenye.

3 Ngokuba uMose wayenike isabelo sezwe ezizweni ezimbili nengxenye ngaphesheya kweJordani, kodwa abaLevi akazange abanike sabelo.

4 Ngokuba abozalo lukaJosefa babeyizizwana ezimbili, esakwaManase nesakwa-Efrayimi, akukho sabelo sezwe esasinikwe abaLevi, ngaphandle kwemizi ababehlala kuyo, namadlelo emfuyo nemihlambi yabo.

5Abakwa-Israyeli benza njengoba uSimakade ayemyalile uMose; balehlukanisa izwe.

IHebhroni Yabelwa UKhalebhu

6 AbakwaJuda beza kuJoshuwa eGiligali; uKhalebhu, indodana kaJefune umKhenizi, wathi kuye: “Uyakwazi uSimakade akusho ngami nawe kuMose, umuntu kaNkulunkulu, eKadeshi Bharineya.

7 Ngangineminyaka engama-40 ngesikhathi uMose, inceku kaSimakade, engithuma eKadeshi Bharineya ukuba ngiyohlola izwe; ngambuyela nombiko oqotho.

8 Kodwa abafowethu engangikhuphuke nabo baba nombiko oqeda abantu amandla. Kepha mina ngamlandela uSimakade uNkulunkulu ngenhliziyo epheleleyo.

9 UMose wafunga ngalolo lusuku, wathi: ‘Impela izwe lapho unyawo lwakho lunyathele khona liyokuba yifa lakho nabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele ngenhliziyo epheleleyo uSimakade uNkulunkulu wami.’

10“Manje, uSimakade ungivumele ngaphila njengalokhu ayeshilo, yonke le minyaka engama-45 kusukela ngesikhathi uSimakade akhuluma ngaso leli lizwi kuMose, ngesikhathi u-Israyeli esehamba edabula ehlane; manje ngisekhona nanamuhla, sengineminyaka engama-85.

11Ngisenamandla nanamuhla nanjengamhla uMose engithuma, namanje amandla ami asafana nawangaleso sikhathi, ngisengaphuma ngiyokulwa, ngiphinde ngibuye.

12 Ngakho-ke manje nginike leli lezintaba uSimakade akhuluma ngalo ngalolo lusuku, ngokuba nezwa ngalolo lusuku ukuthi ama-Anaki ayelapho nemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uSimakade uyakuba nami, ngiwaxoshe njengokusho kukaSimakade.”

13 UJoshuwa wambusisa, iHebhroni walinika uKhalebhu, indodana kaJefune, laba yifa lakhe.

14IHebhroni laba yifa likaKhalebhu, indodana kaJefune umKhenizi, kuze kube namuhla, ngokuba wamlandela ngenhliziyo epheleleyo uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.

15 Igama leHebhroni kuqala kwakuyiKiriyathi Arbha; lo Arbha wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki.

Izwe laphumula ekulweni.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help