UZakhariya 10 - IsiZulu 2020

Isithembiso SikaSimakade Sokukhulula Abantu Bakhe

1Celani imvula kuSimakade

ngenkathi yayo entwasahlobo.

USimakade uhlomisa izulu,

anise imvula;

aphe kube yilowo nalowo

okudliwayo kwasendle.

2Ngokuba amatherafi akhulume inkohliso,

ababhuli babona imibono eyedukisayo,

bakhuluma ngamaphupho angamanga,

baduduza ngokuyize.

Ngakho-ke bazulazula njengezimvu,

bayahlupheka,

ngokuba bengenamelusi.

Abantu BakwaJuda Nabakwa-Israyeli Bazobuya Ekudingisweni

3“Intukuthelo yami ivuthela abelusi.

Ngiyakubajezisa abaholi bomhlambi,

ngokuba uSimakade Wamabandla

uyawunakekela umhlambi wakhe,

indlu yakwaJuda.

Uyakubenza bafane nehhashi

lobukhosi bakhe empini.

4Kuyena kuyakuvela itshe legumbi,

kuvele isikhonkwane,

kuvele umnsalo wempi,

kuvele nababusi bonke ndawonye.

5Bayakuba njengamaqhawe enyathela udaka

emigwaqweni lapho kuliwa.

Bayakulwa, ngokuba uSimakade ungakubo,

bathelwe ngehlazo abagibeli bamahhashi.

6“Ngiyakuqinisa abendlu yakwaJuda,

ngihlenge abendlu yakwaJosefa,

ngibabuyise,

ngokuba ngiyabazwela.

Kuyakuba sengathi angikaze ngibalahle,

ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wabo

ngiyakubaphendula.

7Abakwa-Efrayimi bayakuba njengamaqhawe;

inhliziyo yabo ithokoze

sengathi kungenxa yewayini.

Abantwana babo bayakukubona lokho bajabule;

inhliziyo yabo ithokoze ngoSimakade.

8“Ngiyakubashayela ikhwelo,

ngibaqoqe,

ngokuba sengibahlengile.

Bayakuba baningi njengakuqala.

9Ngiyakubahlwanyela phakathi kwezizwe,

kodwa bayakungikhumbula besemajukujukwini,

bona nezingane zabo bayakusinda,

bese bebuya.

10Ngiyakubabuyisa eGibhithe,

ngibaqoqe eSamariya,

ngibayise kwaGileyadi naseLebhanoni,

akuyukutholakala ndawo eyakubanela.

11Bayakudabula olwandle lwezinhlupheko.

Uyakushaya amagagasi olwandle,

nezinzulu zonke zomfula ziyakukoma nkwe,

kuyakudicilelwa phansi ukuzigqaja kwe-Asiriya,

kusuke nentonga yaseGibhithe.

12Ngiyakubaqinisa kuSimakade;

bahambe egameni lakhe,”

kusho uSimakade Wamabandla.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help