AMahubo 47 - IsiZulu 2020

UNkulunkulu Ungumbusi Wezinto ZonkeKumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKhora. Ihubo

1Zizwe zonke, shayani izandla,

hlokomani ngezwi lokuhalalisa kuNkulunkulu.

2Ngokuba uSimakade Ophezukonke uyesabeka,

uyiNkosi enkulu phezu komhlaba wonke.

3Izizwe wazithobisa zaba phansi kwethu,

nabantu phansi kwezinyawo zethu.

4Wasikhethela ifa lethu,

udumo lukaJakobe amthandayo. Sela

5UNkulunkulu wenyuke ngenhlokomo,

uSimakade ngokukhala kwecilongo.

6Hubelani uNkulunkulu, mdumiseni!

Hubelani iNkosi yethu, hubani!

7UNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke,

hubani ihubo!

8UNkulunkulu ubusa izizwe,

uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe

sobukhosi esingcwele.

9Izikhulu zabantu zibuthene,

zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abhrahama,

ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu,

uphakeme kakhulu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help