UHabhakuki 1 - IsiZulu 2020

1Isiphrofetho esabonwa nguHabhakuki umphrofethi.

UHabhakuki Ukhononda KuSimakade

2Kuyoze kube nini Simakade

ngikhalela usizo,

ungezwa,

ngikhala kuwe kalusizi,

ungasindisi na?

3Kungani ungibonisa ububi,

uthalalise ngenkathazo na?

Imbubhiso nobudlova kuphambi kwami;

kukhona ukulwa nombango okudlangile.

4Ngalokho-ke umthetho awusathi shu,

nokwehlulela akusenziwa unomphelo,

ngokuba omubi uhaqa olungileyo;

ngenxa yalokho ubulungiswa buphuma buhlanekezelwe.

Impendulo KaSimakade

5Bhekani phakathi kwezizwe,

nibuke,

nishaqeke ngokumangala,

ngokuba ngizakwenza isimanga ezinsukwini zenu

eningayukusikholwa,

lapho kulandwa ngaso.

6Ngokuba niyabona-ke,

sengizakuvusa amaKhaledi,

isizwe esinonya nesidlovayo,

esidabula ebubanzini bomhlaba

siyodla izindawo zokuhlala okungesizo ezaso.

7Siyethusa, siyesabeka;

kuphuma kuso ukwehlulela kwaso nesithunzi saso.

ukuthi yini elungileyo.

8Amahhashi aso agijima ukwedlula izingwe,

eyesabeka kunamankentshane ebusuku;

abagibeli bamahhashi aso bayagabadula,

futhi bavela kude abagibeli bamahhashi aso,

bandiza njengokhozi luphuthuma elizokudla.

9Sonke ngothi lwaso sitheleka ngendluzula,

ubuso baso buqonde ngqo phambili;

sibutha abathunjwa njengesihlabathi.

10Siklolodela amakhosi,

ababusi bayinhlekisa kuso;

sihleka zonke izinqaba,

senze izindunduma ngomhlabathi,

sidle izinqaba.

11Sidlula njengesiphepho,

sidlulele phambili,

kodwa sona sinecala,

amandla aso angunkulunkulu waso.

12Wena Simakade Nkulunkulu wami, oNgcwele,

awusiye yini owasemandulo na?

Asiyukufa;

usinqumele ukwehlulelwa;

Wena Dwala, usibekele ukujeziswa.

13Amehlo akho ahlanzekile

ukuba ungabona ububi,

nokuba ungayibheki inkathazo.

Pho kungani ubukana nabakhohlisi,

uthalalisa lapho omubi eshwabadela

olungileyo kunaye na?

14Wenze abantu banjengezinhlanzi zasolwandle,

nanjengezilwane ezinwabuzelayo ezingenambusi.

15Uyabakhipha bonke ngodobo,

abahudule ngenetha lakhe,

abaqoqele enetheni lakhe elihudulwayo,

ngalokho-ke uyathokoza, ajabule.

16Ngakho-ke uhlabela inetha lakhe,

alishisele impepho inetha lakhe elihudulwayo,

ngokuba isabelo sakhe sinokudla okuningi,

unokwanele azokudla.

17Ngalokho uyakuthulula inetha lakhe,

aqhubeke nokubhubhisa izizwe,

angashiyi namunye.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help