U-Izaya 27 - IsiZulu 2020

Ukubuyiswa Kwabakwa-Israyeli, E-Asiriya, NaseGibhithe

1Ngalolo lusuku uSimakade

uyojezisa uLeviyathani ngenkemba yakhe enonya,

elukhuni nemandla.

ULeviyathani yinkanyamba esheshayo,

futhi ethandelayo,

uyobulala nenkanyamba yasolwandle ehlala khona.

2Ngalolo lusuku kuyoba khona

isivini esinxanelekayo.

Hlabelelani ngaso, nithi:

3“Mina Simakade ngingumlindi waso;

njalo ngiyasichelela;

ngisilinda ubusuku nemini,

kungaze kube khona osonakalisayo.

4Angisithukutheleli.

Uma singivezela ameva namakhakhasi,

ngizolwa nawo ngiwashise.

5Kungenjalo, masithandele kimi

ukuze sivikeleke,

masibe nokuthula nami,

masenze ukuthula nami.”

6Ngesikhathi esizayo uJakobe uyogxila,

u-Israyeli aqhakaze, akhahlele,

athele izithelo,

agcwalise umhlaba wonke.

7Ngabe uSimakade ushaye u-Israyeli

ngendlela abashaya ngayo

abamshayayo na?

Ngabe ubabulele

ngendlela abulala ngayo

abambulala na?

8Ngokubaxosha nokubadingisa ubajezisile,

wabasusa ngomoya wakhe onamandla,

ngosuku lomoya wasempumalanga.

9Ngalokhu ububi bukaJakobe buzohlangulwa,

kube yisithelo esiphelele

sokususa isono sakhe,

lapho enza wonke amatshe ase-althare

abe yimvithi afane nomcako,

kungabe kusamiswa nsika engu-Ashera,

ngisho nama-althare empepho imbala.

10Ngokuba umuzi obiyelweyo usuyize,

ikhaya lishiyiwe,

lalahlwa, lanjengehlane;

ithole seliklaba kulo,

libuthise, lidle,

liphundle amagatsha.

11Lapho amagatsha awo esebunile, ayogencwa,

kufike abesifazane baphembe ngawo umlilo.

Ngokuba laba bantu

bayisizwe esingenakuqonda;

owabenzayo akayukubahawukela,

nowababumbayo akayukuba namusa kubo.

12Kuyothi ngalolo lusuku uSimakade avuthulule emfuleni omkhulu, kuze kufike emfuleni eGibhithe, nina bantu bakwa-Israyeli niqoqwe ngamunye ngamunye.

13Ngalolo lusuku kuyobethwa icilongo elikhulu, labo ababedukele e-Asiriya nalabo ababexoshwe eGibhithe, bayofika badumise uSimakade entabeni engcwele eJerusalema.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help