INumeri 12 - IsiZulu 2020

UMiriyamu No-Aroni Bamelana NoMoseUkujeziswa KukaMiriyamu

1 UMiriyamu no-Aroni bamelena noMose ngenxa yowesifazane waseKhushe ayemthathile. Nembala wayeganwe ngowesifazane waseKhushe.

2 Bathi: “Ngabe uSimakade ukhuluma ngoMose kuphela na? Akakhulumile yini nangathi na?”

USimakade wakuzwa lokho.

3Kepha uMose wayengumuntu omnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.

4Ngokushesha uSimakade wakhuluma noMose no-Aroni noMiriyamu, wathi: “Wozani nobathathu ethendeni lokuhlangana.”

Bahamba bobathathu.

5 USimakade wehla ngensika yefu, wema ngasemnyango wethende, wabiza u-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili baya kuye.

6 Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho.

7 Kodwa akunjalo ngenceku yami uMose; uthembekile kuyo yonke indlu yami.

8 Yena, ngikhuluma ngokusobala umlomo nomlomo, hhayi ngombono noma ngamazwi ayimfumbe, futhi uyasibona isimo sikaSimakade. Kungani ningesabanga ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”

9 Intukuthelo kaSimakade yabavuthela; wayesehamba.

10 Ifu laphakama phezu kwethende. Bheka, uMiriyamu wayesenochoko, emhlophe njengeqhwa. U-Aroni waphendukela ngakuMiriyamu, wabona ukuthi usenochoko.

11 U-Aroni wathi kuMose: “O Nkosi, ngixolele, ngiyakuncenga, ungabeki phezu kwethu isono esisenze ngobuwula.

12Ngiyakuncenga, makangabi njengophume esibelethweni sikanina esefile, nesidumbu sakhe sidliwe ingxenye yaso.”

13 UMose wakhala kuSimakade, wathi: “Nkulunkulu, ngiyakuncenga, mphulukise!”

14 USimakade wathi kuMose: “Uma uyise ebemkhafulele ngamathe ebusweni, ubengelithwale yini ihlazo lakhe izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho uyakubuye angeniswe.”

15UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa. Abantu abazange bahambe, waze wabuyiswa uMiriyamu.

16Emveni kwalokho abantu basuka eHazerothi bakanisa ehlane iPharanu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help