IZaga 20 - IsiZulu 2020

Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (11)

1 Iwayini liyisedeleli,

uphuzo olunamandla lungumxokozeli;

bonke abadiyazeliswa yilo kabahlakaniphile.

2 Ulaka lwenkosi olwesabisayo lunjengokubhonga kwengonyama;

oyithukuthelisayo uyakulahlekelwa ngukuphila kwakhe.

3 Kuludumo kumuntu ukuziqhelelanisa nengxabano,

kodwa zonke iziwula ziyashesha ukuphikisana.

4 Ivila alilimi ngesikhathi sokulima;

lihamba lethekela ngesikhathi sokuvuna,

ngoba lingenalutho.

5 Amasu enhliziyweni yomuntu anjengamanzi ajulileyo;

umuntu onokuqonda uyakhelela.

6Abantu abaningi bazishaya abalungileyo,

kodwa ngubani ongafumana umuntu

othembekileyo na?

7 Olungileyo uhamba ngobuqotho;

babusisiwe abantwana bakhe.

8Inkosi ehlezi esihlalweni sokwehlulela,

ihlunga konke okubi ngamehlo ayo.

9 Ngubani ongasho athi:

“Ngiyigcinile inhliziyo yami ihlanzekile;

ngimsulwa ezonweni zami,” na?

10 Izisindo ezimbili

nama-efa amabili adukisayo,

kuyisinengiso kuSimakade.

11 Ngisho nomntwana waziwa ngezenzo zakhe

ukuthi akwenzayo kuhle noma kubi.

12 Indlebe ezwayo neso elibonayo,

kokubili kwenziwe nguSimakade.

13 Ungathandi ubuthongo, funa ube mpofu;

vula amehlo akho,

uyakusutha ngesinkwa.

14“Kubi, kubi,”

kusho umthengi,

kepha esehambile uyazigabisa.

15 Kukhona igolide namarubhi amaningi,

kodwa izindebe ezinolwazi ziyigugu elinqabileyo.

16 Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi,

umbambe abe yisibambiso

omele umfokazi.

17 Ukudla okutholakale ngomgunyathi kumnandi,

kodwa kamuva umlomo uyakugcwala uhlwayi.

18 Amacebo wonke aqiniswa ngokululekana;

yilwa impi ngamasu aphusile.

19 Ohamba encetheza wambula izimfihlo;

ungazihlanganisi nomuntu okhulumela safuthi.

20 Oqalekisa uyise nonina,

isibani sakhe siyocima phakathi kwesigayegaye.

21 Ifa elitholwe ngokuphazima kweso,

aliyukuphetha ngesibusiso.

22 Ungasho uthi:

“Ngiyakuphindisela okubi;”

lindela uSimakade, uyakukusindisa.

23Izisindo ezimbili ezingezona ezeqiniso

ziyisinengiso kuSimakade,

nezilinganiso ezikhohlisayo azilungile.

24 Zonke izinyathelo zomuntu ziqondiswa nguSimakade;

pho umuntu angayiqonda kanjani

indlela yakhe na?

25 Kulugibe kumuntu ukusho ngokushesha athi:

“Kungcwele,”

bese ecabanga kamuva ngesifungo asenzile.

26 Inkosi ehlakaniphileyo iyazihlakaza izikhohlakali;

ukushinga kwazo ikuthele phezu kwazo.

27 Isibani sikaSimakade sihlola umoya womuntu;

siphenyisisa izibilini zomuntu.

28 Umusa neqiniso kuyayilonda inkosi;

isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.

29 Udumo lwabasha lungamandla abo,

nemvunulo yabadala ingubumpunga.

30Imivimbo elimazayo ihlanza ububi,

nokushaywa kuhlanza izibilini.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help