UJobe 9 - IsiZulu 2020

UJobe Uphendula Inkulumo Yokuqala KaBhilidadi

1UJobe wayesephendula ethi:

2 “Impela ngiyazi ukuthi kunjalo,

kodwa umuntu angaba kanjani ngolungileyo

phambi kukaNkulunkulu na?

3 Uma efuna ukuthetha icala naye,

angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.

4 Uhlakaniphile ngenhliziyo,

unamandla amakhulu,

ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?

5 Yena ogudluza izintaba, zingazi,

Yena ozigumbuqela ngentukuthelo yakhe,

6 ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo,

kuthuthumele izinsika zawo,

7 oyala ilanga lingaphumi,

avalele izinkanyezi,

8 oweneka izulu yedwa,

ahambe phezu kwamaza olwandle,

9 owenza iNdonsa,

iKhwezi,

iSilimela, iSicelankobe

noMthala oseningizimu,

10 owenza izinto ezinkulu ezingenakukhohlweka,

yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.

11 Bheka, uyedlula

ngakimi, ngingaboni,

uyedlula, kodwa ngingamuzwa.

12 Bheka, uyabamba,

ngubani ongamkhalima na?

Ngubani oyakusho kuye, athi:

‘Wenzani na?’

13 “UNkulunkulu akayukulunqanda ulaka lwakhe;

bayakhothama abasizi bakaRahabi phansi kwakhe.

14 Pho mina ngingamphendula ngithini,

ngingawathathaphi amazwi aqondene naye na?

15 Noma ngingenacala, angikwazi ukumphendula,

kufanele ngicele umusa kumehluleli wami.

16Uma bengimbizile wase engiphendula,

angikholwa ukuthi ulilalele izwi lami.

17 Ngokuba uyangilimaza ngesiphepho,

wandisa amanxeba ami ngaphandle kwesizathu.

18 Akangivumeli ukuba ngiphefumule,

kepha ungigcwalisa ngomunyu.

19 Ukuba besizwana amandla, nguye onamandla.

Ukuba bekungubulungiswa,

ngubani ongambizela icala na?

20 Nakuba ngilungile,

umlomo wami uyakungilahla,

noma ngimsulwa, uyakungibeka icala.

21 Ngimsulwa, kodwa angizazi,

ngiyakuzonda ukuphila kwami.

22 Ngakho-ke konke kuyafana, yingakho ngithi:

‘Ubhubhisa omsulwa nesikhohlakali.’

23 Uma kwehla inhlekelele ngokuzuma,

uyakuhleka ukuphelelwa yithemba kwabangenacala.

24 Umhlaba unikelwe esandleni sezikhohlakali,

uyabumboza ubuso babehluleli bawo,

uma kungesiye, pho ngubani na?

25 “Izinsuku zami ziyashesha ukwedlula umgijimi,

ziyabaleka zingakubonanga okuhle.

26 Zitshuza njengesikebhe somhlanga,

nanjengokhozi luphuthuma ukudla kwalo.

27 Uma ngithi: ‘Ngizokhohlwa ngukukhononda,

ngizoyeka ukunyukubala, ngithakase,’

28 nokho ngiyabesaba

bonke ubuhlungu bami,

ngiyazi awuyukungithatha njengongenacala.

29 Mina ngizolahlwa ngecala,

pho kungani ngikhandlekela ize na?

30 Noma ngingageza ngamanzi eqhwa,

ngihlanze izandla zami ngensipho,

31 nokho uyakungicwilisa emgodini,

nginengwe yizingubo zami.

32 Ngokuba akasiye umuntu njengami

ukuba bengingaqagulisana naye,

nokuba ngibhekane naye esigcawini.

33 Akukho mlamuli phakathi kwethu,

ongabeka isandla sakhe

phezu kwethu sobabili, asilamule.

34 Makayisuse induku yakhe kimi,

nengebhe yakhe ingangesabisi,

35 khona ngiyokhuluma ngingamesabi,

ngoba angiyikho lokhu

okucatshwangwa ngami.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help