1 IZikhronike 20 - IsiZulu 2020

Ukuvinjezelwa KweRabha Nokulwa NamaFilisti

1 Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ahlasele ngaso, uJowabe wahola amaqhawe empi, wabhubhisa izwe labakwa-Amoni. Wahamba wavimbezela iRabha, kodwa uDavide wayesele eJerusalema. UJowabe wahlasela iRabha, walinqoba.

2 UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wathola ukuthi isisindo sawo sasiyithalenta legolide; wawunetshe eliyigugu; wabekwa ekhanda likaDavide. Wathatha emzini impango eningi kakhulu.

3UDavide wakhipha abantu ababekuyo yonke imizi yabakwa-Amoni, wabanquma ngamasaha, ngezibhuqo zensimbi, nangamazembe.

Impi Phakathi Kuka-Israyeli NamaFilisti

4 Kwathi emveni kwaleso sehlakalo kwaqubuka impi phakathi kuka-Israyeli namaFilisti eGezeri. USibhekhayi, umHushathi, wabulala uSiphayi, enye yamadodana amaRefa; anqotshwa amaFilisti.

5 Kwaphinda kwaqubuka enye impi namaFilisti. U-Elihanani, indodana kaJayire, wabulala uLahimi, umfowabo kaGoliyathi, umGithi; uthi lomkhonto ayewuphatha lwalungangogongolo lomaluki.

6 Kwaphinda futhi kwaba nempi eGathi, lapho kwakukhona umuntu owayemude kakhulu; eneminwe eyisithupha esandleni ngasinye, kanjalo nasezinyaweni enezinzwani eziyisithupha unyawo ngalunye, sekukonke kungama-24. Naye wayezalwa ngamaRefa.

7Wamedelela u-Israyeli; ngakho-ke uJonathani, indodana kaShimeya, umfowabo kaDavide, wambulala.

8 Yibo laba ababeyizizukulwane zamaRefa eGathi, ababulawa nguDavide, nezinceku zakhe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help