1 USamuweli 4 - IsiZulu 2020

AmaFilisti Anqoba U-IsrayeliUmphongolo Uyathathwa

1 Izwi likaSamuweli lafika kuwo wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma wayolwa namaFilisti, wakanisa ngase-Ebheni Ezeri; amaFilisti akanisa e-Afeki.

2AmaFilisti azihlela ukuze atholane phezulu no-Israyeli. Impi yabambana kwashunqa uthuli isikhathi eside. AmaFilisti amnqoba u-Israyeli, kwasala enkundleni abantu ababalelwa ezi-4 000.

3 Kwathi lapho abantu bengena enkanjini, amalunga akwa-Israyeli athi: “USimakade usibulaleleni namuhla phambi kwamaFilisti na? Masithathe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade eShilo, ube ngakithi, sihambe nawo, usisindise esandleni sezitha zethu.”

4 Abantu base bethumela eShilo, bawuthatha lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade Wamabandla owawuhlezi phezu kwamakherubhi. Amadodana ka-Eli omabili, uHofini noFinehasi, babelapho nomphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu.

5 Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade ufika enkanjini, u-Israyeli wonke wakhamuluka ngezwi elikhulu, kwaze kwazamazama umhlaba.

6AmaFilisti ezwa umsindo wokukhamuluka, athi: “Usho ukuthini lowo msindo wokukhamuluka ongaka enkanjinii yamaHebheru na?”

Aqonda ukuthi umphongolo kaSimakade ufikile enkanjini.

7 AmaFilisti esaba ngokuba, athi: “UNkulunkulu ufikile enkanjini.”

Athi-ke: “Maye kithi, ngokuba akukaze kwenzeke okunjengalokhu phambilini.

8Maye kithi! Ngubani oyosihlenga esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yibo labo nkulunkulu abashaya abaseGibhithe ngalo lonke ubhubhane ehlane.

9 Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuze ningabi yizigqila zamaHebheru, njengoba ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!”

10 AmaFilisti alwa, u-Israyeli wanqotshwa, wabaleka, kwaba yilowo nalowo waqonda ethendeni lakhe. Kwaba ngukwehlulwa okukhulu kakhulu, kwasala enkundleni abakwa-Israyeli abayizi-30 000 abayimigundatshani.

11 Umphongolo kaNkulunkulu wathathwa, kwathi amadodana amabili ka-Eli, uHofini noFinehasi, abulawa.

Ukufa Kuka-Eli

12 Ngalolo lusuku umuntu othile wakwaBhenjamini waphulukundlela empini. Wagijima waya eShilo, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe.

13 Wafika; bheka, u-Eli wayehleli esihlalweni sakhe eceleni komgwaqo ebukela, ngokuba inhliziyo yakhe yayithuthumela ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. Kwathi ukuba lowo muntu angene emzini, wawubikela, kwasuka esinamathambo isililo kuwo wonke umuzi.

14Kwathi lapho u-Eli ezwa umsindo wokukhala, wathi: “Ngowani lowo msindo wokumemeza na?”

Lowo muntu washesha waya kuye, wamtshela.

15 U-Eli wayeseneminyaka engama-98, amehlo akhe esenqundekile, engasaboni kahle.

16 Lo muntu wathi ku-Eli: “Ngiyilowo osinde ngokulambisa empini namuhla.”

U-Eli wathi: “Bekunjani ndodana yami?”

17Owayelethe umbiko waphendula, wathi: “U-Israyeli ubalekile phambi kwamaFilisti futhi kubulawe abantu abaningi. Kufe namadodana akho omabili, uHofini noFinehasi, umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”

18Kwathi nje ukuba aphathe igama lomphongolo kaNkulunkulu, u-Eli wawa nyovane esihlalweni sakhe eceleni kwesango, waphuka intamo, wafa, kwazise wayesemdala futhi ekhuluphele. Wayemahlulele u-Israyeli iminyaka engama-40.

19Umalokazana wakwakhe, umkaFinehasi, wayekhulelwe esezobeletha, kwathi ukuba ezwe umbiko wokuthi umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nokuthi uyisezala nomyeni wakhe bafile, wakhonkobala, wafikelwa yimihelo, wabeletha.

20 Ngesikhathi sokufa kuka-Eli kwakunabesifazane ababemi ngakumkaFinehasi, bathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uthole indodana.”

Kodwa yena akakunakanga lokho, akaze aphendula.

21 Umntwana wamqamba wathi ngu-Ikhabhodi, ethi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli,” ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe, nangenxa yokufa kukayisezala nomyeni wakhe.

22Wathi: “Inkazimulo isukile kwa-Israyeli, ngokuba umphongolo kaNkulunkulu uthathiwe.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help