UJeremiya 30 - IsiZulu 2020

Isithembiso SikaSimakade Kubantu Bakhe

1Izwi elafika kuJeremiya livela kuSimakade, lithi:

2“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Loba encwadini, wonke amazwi engiwakhulume kuwe.

3Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ kusho uSimakade, ‘lapho ngiyakuqeda ukuthunjwa kwabantu bami, u-Israyeli noJuda, bese ngibabuyisela ezweni engalinika okhokho babo ukuba balidle,’ ” kusho uSimakade.

4Nanka amazwi uSimakade awakhuluma ngo-Israyeli nangoJuda.

5“Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi:

“ ‘Sizwile izwi lokwesaba, nelengebhe

futhi akukho ukuthula.

6Ake nibuze, nibone ukuthi

indoda yake yabeletha na?

Pho kungani ngibona

wonke amadoda ebambelele okhalo

njengowesifazane ebeletha,

ubuso bonke buphaphathekile na?

7Maye, lukhulu lolo lusuku,

alukho olunjengalo!

Lesi yisikhathi sokuhlupheka kuJakobe,

kodwa uzosindiswa kukho.

8“ ‘Kuyakuthi ngalolo lusuku,’ kusho uSimakade Wamabandla,

‘ngephule ijoka entanyeni yabo,

ngigqabule izibopho zabo,

bangabe besabakhonza abafokazi,

9kodwa bayakukhonza uSimakade uNkulunkulu wabo,

noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.

10“ ‘Ungesabi wena Jakobe,

nceku yami,’ kusho uSimakade,

‘ungesabi, Israyeli,

ngokuba bheka,

ngiyakukusindisa usekude,

nabozalo lwakho ezweni othunjwelwe kulo.

UJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke

angesatshiswa muntu,

11ngokuba Mina nginawe,’ kusho uSimakade.

‘Ngiyakukusindisa,

ngiziqede nya zonke izizwe

engikuhlakazele kuzo,

kodwa wena angiyukukuqeda.

Ngiyakukuyala ngobulungiswa,

angiyukukuyeka ngingakujezisi.’

12“Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi:

“ ‘Ukulimala kwakho akunakuphola,

nesilonda sakho sibi.

13Akekho omela udaba lwakho,

akukho muthi wokukwelapha;

akukho ukuphulukiswa kuwe.

14Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe,

azisakufuni,

ngokuba ngikushaye njengesitha,

ngakuyala njengononya,

ngenxa yobukhulu bokona kwakho,

nangenxa yobuningi bezono zakho.

15Ukhalelani ngenxeba lakho

nangobuhlungu bakho obungenakwelashwa na?

Lokhu ngikwenze ngenxa yobukhulu

bokona kwakho,

nobuningi bezono zakho.

16“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo

nabo bayakudliwa,

zonke izitha zakho

ngothi lwazo ziyakuthunjwa,

nalabo abakuphangayo bayakuphangwa,

nabo bonke abakuqhwagayo

ngiyakubenza impango.

17Ngokuba ngiyakukuphilisa,

ngelaphe izilonda zakho,’ kusho uSimakade,

‘ngokuba bakubize ngoxoshiweyo,

neZiyoni akukho muntu olifunayo.’

18“Usho kanje uSimakade, uthi:

“ ‘Bheka, ngizokuqeda ukuthunjwa

kwamathende kaJakobe,

ngiwahawukele amakhaya akhe;

umuzi uyokwakhiwa egqumeni lawo,

isigodlo sihlale njengokufaneleyo.

19Kuyophuma kubo ukubonga

nezwi lokuthokoza.

Ngiyakubenza bande

bangabe besancipha;

ngibenze bahlonipheke,

bangabe besadelelwa.

20Abantwana bakhe

bayakuba njengakuqala,

ibandla lakhe lime phambi kwami;

ngibajezise bonke abamcindezelayo.

21Isikhulu siyakuba ngomunye wabo,

nombusi walo uyakuvela phakathi kwabo.

Ngiyakumsondeza, asondele kimi,

ngokuba ngubani oke waba nesibindi

sokusondela kimi na?’ kusho uSimakade.

22“ ‘Niyakuba ngabantu bami kimi,

Mina ngibe nguNkulunkulu wenu kinina.’ ”

23Bheka, isivunguvungu sikaSimakade!

Ulaka lwakhe luphumile;

isivunguvungu esibhubhisayo,

siyakwehlela phezu kwamakhanda ezikhohlakali.

24Ukuvutha kolaka lukaSimakade akuyukunqandwa,

aze akwenze,

akufeze okuhloswe yinhliziyo yakhe.

Ngezinsuku zokugcina niyakukuqonda lokhu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help