IZaga 13 - IsiZulu 2020

Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (4)

1 Indodana ehlakaniphile iyayalwa nguyise,

kodwa isedeleli asilaleli lapho sikhuzwa.

2 Umuntu uyakudla okuhle

okuvela emazwini akhe amahle,

kepha abambuluzayo balambele ubudlova.

3 Oqaphela akushoyo ulonda impilo yakhe;

uphoshozwayo uyobhubha.

4 Umphefumulo wevila uyafisa ungatholi lutho,

kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakuneliswa.

5Olungileyo uyawazonda amazwi angamanga,

kodwa isikhohlakali sidala amahloni nehlazo.

6 Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iqotho,

kodwa inkohlakalo iyasibhubhisa isoni.

7 Kukhona ozishaya inkinsela kodwa engenalutho,

nozishaya ompofu ebe ecebe kakhulu.

8Inhlawulo yokuphila komuntu yingcebo yakhe,

kepha ompofu akalaleli ekhuzwa.

9 Ukukhanya kwabalungileyo kukhanya bha,

kepha izibani zezikhohlakali ziyacima.

10Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa,

kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa

kukhona ukuhlakanipha.

11 Ingcebo etholakala kalula iyancipha,

kepha eqongelelwa kancane, kancane, iyanda.

12 Ithemba elingakagcwaliseki ligulisa inhliziyo;

isifiso esiphumelele singumuthi wokuphila.

13 Owedelela izwi uzehlisela ukubhujiswa,

kepha owesaba imiyalelo uyakuvuzwa.

14 Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila,

ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.

15 Ukuqonda kahle kuveza umusa,

kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.

16 Bonke abahlakaniphileyo basebenza ngokwazi,

kepha isiwula sisabalalisa ubuwula.

17 Isithunywa esikhohlakele siwela ebubini,

kepha isigijimi esithembekileyo siletha ukuphila.

18 Ubuphofu nehlazo kukulowo owenqaba ukuyalwa,

kepha oqaphela ukusolwa uyatuswa.

19Isifiso esifezekile siyathokozisa emphefumulweni,

kepha ukudeda ebubini

kuyisinengiso kwabayiziwula.

20 Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha,

kepha ongumngani weziwula uyolimala.

21 Ingozi ilandela izoni,

kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.

22 Olungileyo ushiyela abantwana

babantwana bakhe ifa,

kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.

23Emqathweni wabampofu kukhona ukudla okuningi,

kepha kuyashabalala ngenxa yokungalungi.

24 Oyeka uswazi uyayizonda indodana yakhe,

kodwa oyithandayo uyanakekela ukuba ayiyale.

25 Olungileyo udla asuthe eneliswe,

kepha isisu sezikhohlakali

seswele esingasuthiswa ngakho.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help