AMahubo 63 - IsiZulu 2020

Ukulangazelela UNkulunkuluIhubo likaDavide esehlane kwaJuda

1Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna.

Umphefumulo wami womele Wena,

umzimba wami ulangazelela Wena,

ezweni eligagadekileyo,

lapho kungekho khona amanzi.

2Yingakho ngikufuna endaweni engcwele,

ngibone amandla akho nenkazimulo yakho.

3Ngokuba umusa wakho muhle kunokuphila,

izindebe zomlomo wami zizokudumisa.

4Yingakho ngizokubonga,

inqobo nje uma ngisaphila.

Ngizophakamisa izandla zami egameni lakho.

5Umphefumulo wami uyosutha

kube sengathi usuthiswe ngamanoni namafutha,

umlomo wami ukudumise ngezindebe ezethabayo,

6lapho ngikukhumbula embhedeni wami,

ngizindla ngawe kwesikabhadakazi.

7Wena ungisizile,

ngizokwethaba emthunzini wamaphiko akho.

8Umphefumulo wami ubambelele kuwe,

esokunene sakho singisekele.

9Kepha abazingela umphefumulo wami

ukuba bawenzakalise,

bazokwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.

10Bazonikelwa esandleni senkemba,

babe wukudla kwezimpungushe.

11Kepha inkosi izothokoza ngoNkulunkulu,

bonke abafunga Yena bayomdumisa,

ngokuba imilomo yabakhuluma amanga izovalwa.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help