U-Izaya 38 - IsiZulu 2020

Ukugula Nokusinda KukaHezekiya

1Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula wabangwa nezibi. Kwase kufika kuye umphrofethi u-Izaya, indodana ka-Amozi, wathi: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Lungisa izindaba zendlu yakho ngokuba uzokufa, ngeke uze usinde.’ ”

2UHezekiya waphendulela ubuso bakhe obondeni, wakhuleka kuSimakade,

3wathi “Ngiyakuncenga Simakade ukuba ukhumbule ukuthi ngihambe phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle emehlweni akho.”

UHezekiya wayesekhala umunyu.

4Izwi likaSimakade lafika ku-Izaya, lathi:

5“Hamba uye kuHezekiya, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakho, uthi: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizibonile izinyembezi zakho; ngizonezelela iminyaka eli-15 ezinsukwini zakho zokuphila.

6Ngizokusindisa, wena nalo muzi, esandleni senkosi yase-Asiriya, ngiwuvikele lo muzi.

7“ ‘ “Yilesi isibonakaliso esivela kuSimakade sokuthi uSimakade uzokwenza lokho akwethembisile kuwe.

8Bheka, ngizokwenza isithunzi selanga sibuyele emuva izinyathelo ezilishumi ebelizehlile ezitebhisini zika-Ahazi.” ’ ”

Ngakho-ke ilanga labuyela emuva izinyathelo ezilishumi, ezinyathelweni elizehlileyo.

Ihubo LikaHezekiya

9Ihubo likaHezekiya, inkosi yakwaJuda, emveni kokugula nokusinda kwakhe:

10Ngathi:

“Ngangiphakathi nempilo yami

ngizongena emasangweni endawo yabafileyo,

ngaphucwe ingxenye yeminyaka yami.”

11Ngathi:

“Angiyukumbona uSimakade,

uSimakade ezweni labaphilayo;

angisayukubona muntu phakathi kwabakhileyo ezweni.

12Idokodo lami lisishuliwe, lasuswa kimi

njengethende lomelusi;

Njengomaluki, ukuphila kwami ngakusonga,

uyanginquma esalukweni,

kusukela emini kuze kube sebusuku

uyayiphelisa impilo yami.

13Ngakhala ngifuna usizo kwaze kwasekuseni;

uyawephula wonke amathambo ami njengengonyama;

kusukela emini kuze kube sebusuku,

uyayiqeda impilo yami.

14Njengenkonjane noma indwa ngiyatshiyoza,

ngiyakhala njengejuba;

amehlo ami akhathele ukubheka phezulu;

Nkosi, ngicindezelwe, yiba lusizo lwami.”

15Ngingathini na?

Phela ukhulumile kimi,

futhi ukwenzile yena.

Ngiphelelwe ngubuthongo

ngenxa yomunyu emphefumulweni wami.

16Nkosi, abantu baphila ngalezi zinto,

nokuphila komphefumulo wami

kukuzo zonke lezi zinto;

ngiphulukise, ungiphilise.

17Impela, kwakungenxa yami

ukuba ngibe nomunyu omkhulu;

nguwena owawuthanda

umphefumulo wami,

waze wawophula

egodini lokubhujiswa,

ngokuba uzintshinge emuva kwakho

zonke izono zami.

18Ngokuba indawo yabafileyo ayinakukubonga,

nokufa akunakukudumisa;

abehlela egodini abanakuthembela ekulungeni kwakho.

19Abaphilayo,

abaphilayo bayakubonga njengami namuhla;

oyise bayabazisa abantwana

ngokuthembeka kwakho.

20USimakade uyakungisindisa;

ngalokho siyakucula

sisine zonke izinsuku

zokuhamba kwethu endlini kaSimakade.

21U-Izaya wayethe: “Mabathathe isigaxa samakhiwane basibeke ethumbeni, ukuze asinde.”

22NoHezekiya wayethe: “Sibonakaliso sini sokuthi ngiyokwenyukela endlini kaSimakade na?”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help