UJeremiya 20 - IsiZulu 2020

UPhashuri Ufaka UJeremiya Ejele

1UPhashuri, indodana ka-Imeri umphristi owayeyisikhulu esengamele indlu kaSimakade, wamuzwa uJeremiya ephrofetha ngalezo zinto.

2UPhashuri wamshaya uJeremiya, umphrofethi, wamfaka ejele elalingasesangweni elingenhla kwakwaBhenjamini, ngasendlini kaSimakade.

3Ngakusasa uPhashuri wamkhipha uJeremiya ejele. UJeremiya wathi kuye: “USimakade akakubizanga ngokuthi unguPhashuri, kodwa unguMagori Misabibi.

4Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: ‘Ngizokwenza uzesabe wena luqobo, wesatshwe nayibona bonke abangani bakho. Bayokuwa ngenkemba yezitha zabo, ubuka ngawakho amehlo, uJuda wonke ngiyakumnikela esandleni senkosi yaseBhabhele; iyobathumbela eBhabhele, ibabulale ngenkemba.

5Futhi ngiyakunikela yonke ingcebo yalo muzi, yonke impahla yawo, nazo zonke izinto zawo eziyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda ngiyoyinikela esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBhabhele.

6Wena, Phashuri, nabo bonke abahlala endlini yakho, niyakuthunjwa. Uyakuya eBhabhele, kodwa uyofela khona, ungcwatshwe khona, wena nabo bonke abangani bakho ophrofethe kubo amanga.’ ”

UJeremiya Ukhononda KuSimakade

7Simakade, wangiyenga, ngayengeka;

ube namandla kunami, wangehlula.

Ngibe yinhlekisa usuku lonke,

ngaklolodelwa yibo bonke.

8Njalo uma ngikhuluma, ngiyakhala,

ngimemeza ngobudlova nokubhujiswa;

impela izwi likaNkulunkulu

seliphenduke ihlazo kimi,

nenhlekisa usuku lonke.

9Lapho ngithi:

“Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,”

izwi lakhe linjengomlilo

ovuthayo enhliziyweni yami,

ovalelwe emathanjeni ami;

ngikhathele ukulibamba, angikwazi.

10Ngizwile ukuhleba kwabaningi, bethi:

“Luvalo nxazonke.

Mmangalele!

Masimmangalele!”

Bonke abangani bami sebelinde ukuwa kwami.

“Mhlawumbe uyakuyengeka, simehlule,

siziphindisele kuye.”

11Kepha uSimakade unami njengeqhawe elinamandla,

ngakho-ke abangizingelayo bayakukhubeka,

abayukungehlula;

bayakuba namahloni amakhulu,

ngokuba abayukuphumelela,

nehlazo labo eliphakade aliyukulibaleka.

12Simakade Wamabandla, ovivinya olungileyo,

obona izinso nenhliziyo,

mangibone ukuphindisela kwakho kubo,

ngokuba indaba yami

ngiyibeke phambi kwakho.

13Hlabelelani kuSimakade,

mdumiseni uSimakade,

ngokuba uwuhlengile umphefumulo wompofu

esandleni sababi.

14Luqalekisiwe usuku engazalwa ngalo;

usuku umame angibeletha ngalo malungabusiswa.

15Uqalekisiwe nomuntu owabika kubaba, ethi:

“Uzalelwe umntwana wesilisa,”

wamthokozisa kakhulu.

16Lo muntu makabe njengemizi

uSimakade ayigumbuqela ngokungenasihawu,

makezwe ukukhala ekuseni,

nokumemeza kokwethuka ngesikhathi sasemini,

17ngokuba akangibulalanga ngisesiswini,

umame abe yithuna lami,

nesisu sakhe sahlala singikhulelwe njalo.

18Ngaphumelani esibelethweni

ukuba ngibone ukuhlupheka nosizi,

nezinsuku zami ziphelele ehlazweni na?

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help