UJobe 24 - IsiZulu 2020

UJobe Ubuza USomandla Ngokungazigcini Izikhathi Zokwehlulela

1 “Kungani ukuba izikhathi zokwehlulela

zingagcinwa nguSomandla,

futhi kungani labo abamaziyo

bengaziboni lezo zinsuku zakhe na?

2 Abantu bagudluza izikhonkwane zemingcele,

baphange imihlambi, bayiklabise.

3 Bathumba imbongolo yentandane,

bathathe inkomo yomfelokazi ibe yisibambiso.

4 Basusa abantulayo emgwaqweni,

bonke abampofu bomhlaba

bayacasha ndawonye.

5 Bheka, njengezimbongolo ehlane,

bayahamba beya emsebenzini wabo,

bedabula ehlane,

befunela abantwana babo ukudla.

6Bayavuna ifoliji ensimini,

bayakhothoza esivinini sesikhohlakali.

7Balala nqunu ebusuku bengenangubo,

abanakho okokwembatha emakhazeni.

8 Banethwe yimvula ezintabeni,

babambelela edwaleni

ngoba bengenayo indawo yokuphephela.

9 Intandane ihlwithwa ebeleni,

nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso.

10Bahamba nqunu bengenazembatho,

bathwale izithungo, belambile.

11Bakhama amafutha phakathi kwezingange,

banyathela izikhamo zewayini,

kepha bomile.

12 Kusukela emzini kububula abafayo,

amaphimbo abalimele kakhulu ayakhala ecela usizo,

kodwa uNkulunkulu akayinaki imithandazo yabo.

13“Kukhona abamelene nokukhanya,

abangazibandakanyi nezindlela zakho,

abanganamatheli emikhondweni yakho.

14 Umbulali uvuka ngovivi,

abulale ompofu nontulayo;

ebusuku ufana nesela.

15 Iso lesiphingi lilindela ukuhlwa,

lithi: ‘Akukho liso elisazakungibona,’

bese sizemboza ubuso.

16 Ngobumnyama bagqekeza imizi,

emini bazivalele, abakwazi ukukhanya.

17 Ngokuba ubumnyama obukhulu

kubo bonke labo bunjengokusa,

lokhu bayakwazi ukwesabeka kwesigayegaye.

18 “Banejubane ebusweni bamanzi,

izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni,

abasayukuphendukela endleleni yezivini.

19 Isomiso nokushisa kuyawomisa amanzi eqhwa;

yenza kanjalo-ke nendawo yabafileyo

kulabo abonileyo.

20 Isibeletho siyabakhohlwa,

basobozelwe yizimpethu, abasayukukhunjulwa,

ukungalungi kwephulwa njengesihlahla.

21 Balimaza oyinyumba,

abakwenzi okuhle kumfelokazi.

22 UNkulunkulu uyazandisa izinsuku

zokuphila kwamaqhawe ngamandla akhe,

uyasukuma lapho kungasekho osenethemba lokuphila.

23 Umupha ukuvikeleka, ameseke;

amehlo akhe asezindleleni zabo.

24 Bayaphakanyiswa okwesikhashana,

babuye bashabalale;

bayabuna, banqunywe njengamazimba.

25 “Uma kungenjalo ngubani ongakhombisa

ukuthi ngingumqambimanga,

awenze ize amazwi ami na?”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help