UJobe 39 - IsiZulu 2020

USimakade Uyaqhubeka Nokuphendula UJobe

1 “Uyasazi yini isikhathi

sokuzala kwezimbuzi zezintaba na?

Uke ukuqaphele yini

ukuzala kwezindluzelekazi na?

2Ungazibala yini izinyanga zokumitha kwazo,

wazi nokuthi zizozala nini na?

3 Ziyakhonkobala lapho zizala amazinyane azo,

zikhululeke lapho sezizele.

4Amazinyane azo ayaqina,

akhulela endle,

ahambe, angabe esaphindela kuzo.

5 “Ngubani ovumele imbongolo yasendle

ukuba ihambe?

Ngubani owathukulula izibopho zayo,

6 wenza ihlane laba yindlu yayo,

nezwe likasawoti,

indawo yayo yokuhlala na?

7Iyawuhleka umsindo ovela emzini,

ayikuzwa ukumemeza komshayeli.

8 Iyahamba ezintabeni eziyidlelo layo,

ifuna lonke uhlaza.

9 “Inyathi ingavuma yini ukukusebenzela,

ihlale ebusuku emkhombeni wakho na?

10Ungayibophela yini inyathi ukuba ilime,

noma ihlelembe esigodini emva kwakho na?

11Ungayethemba yini,

ngoba amandla ayo emakhulu,

ushiye umshikashika wakho kuyo na?

12Ungayethemba yini

ukuthi ingayibuyisa imbewu yakho,

iyibuthele esibuyeni sakho na?

13“Intshe iphaphazela kamnandi ngamaphiko,

kodwa ngabe yizimpaphe

namaphiko othando na?

14Ishiya amaqanda ayo emhlabathini,

afudunyezwe wuthuli.

15Iyakhohlwa wukuthi unyawo lungawachoboza,

nokuthi isilwane sasendle singawanyathela.

16 Iwaphatha ngesihluku amazinyane ayo,

kube sengathi akusiwo awayo,

ayesabi ukuthi umshikashika wayo

ungase ube yize.

17UNkulunkulu uyenze ukuba ikhohlwe ngukuhlakanipha,

akayabelanga ukuqonda.

18Lapho indizela phezulu,

ihleka amahhashi nabagibeli bawo.

19“Nguwe yini onika ihhashi amandla,

wembathise intamo yalo ngomhlwenga

oyephuzelayo na?

20 Nguwe yini olenza ligxume

njengesikhonyane na?

Ukuthimula kwalo okukhulu kuyesabeka.

21 Liphanda esigodini,

liyathokoza ngamandla alo,

liyaphuma libhekane ngqo nempi.

22Ingebhe liyihleka usulu,

alesabi lutho,

alihlehli phambi kwenkemba.

23Umgodla uyakhehlezela,

kubenyezele umkhonto nengcula.

24Ngendluzula nangolaka,

ligabavula kakhulu,

alivinjwa wukukhala kwecilongo.

25Uma kukhala icilongo,

lithi: ‘Nakho-ke;’

impi liyihogela isekude,

nomsindo wabakhuzi bayo

neziqubulo zempi.

26“Ngabe kungokuhlakanipha kwakho yini

uklebe endiza,

elulele amaphiko akhe ngaseningizimu na?

27 Ukhozi lundizela phezulu yini

ngenxa yokusho kwakho,

lisakhe lapho phezulu isidleke salo na?

28Luhlala esiweni, lwakhe khona,

iwa edwaleni liyinqaba yalo.

29 Luthi lulapho lube luhlola

ukudla kwalo,

amehlo alo akubona kukude.

30 Amazinyane alo aphuza igazi;

lapho kukhona okubulewe, nalo lukhona.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help