AMahubo 67 - IsiZulu 2020

Ukubonga Izibusiso ZikaNkulunkuluKumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo

1UNkulunkulu makabe nomusa kithi, asibusise,

makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela

2ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni,

insindiso yakho, kubo bonke abezizwe.

3Abantu mabakubonge, Nkulunkulu,

ubongwe ngabantu bonke.

4Izizwe mazijabule, zihube ngentokozo,

ngokuba abantu ubehlulela ngokulunga,

uhole izizwe emhlabeni. Sela

5Abantu mabakubonge, Nkulunkulu,

ubongwe ngabantu bonke.

6Umhlaba uthele izithelo zawo,

uNkulunkulu wethu usibusisile.

7Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka asibusise,

yonke imikhawulo yomhlaba imesabe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help