UZefaniya 3 - IsiZulu 2020

Isono SeJerusalema

1Maye, kohlubukileyo nongcolileyo,

umuzi wencindezelo!

2Awulilaleli izwi,

awukwemukeli ukuyalwa,

awethembeli kuSimakade,

awusondeli kuNkulunkulu wawo.

3Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo,

abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku,

abashiyi lutho okwangomuso.

4Abaphrofethi bawo bayizichwensi nabakhohlisi.

Abaphristi bawo bayingcolisile indawo engcwele,

bawephula umthetho.

5USimakade ulungile kuwo,

akakwenzi okungalungile.

Njalo ekuseni ukhipha isehlulelo

sakhe ekukhanyeni,

akehluleki,

kepha abangalungile abalazi ihlazo.

6“Ngiziqothulile izizwe,

imibhoshongo yazo iyincithakalo,

ngenze imigwaqo yazo amagebhugebhu,

ukuze kungadluli muntu kuyo,

imizi yazo icekelwe phansi

yasala dengwane.

7Ngathi: ‘Impela uyakungesaba,

ukwemukele ukuyalwa.’

Indawo yawo yokuhlala ayiyukushatshalaliswa,

kungenzeki konke engiwunqumele khona.

Kodwa noma kunjalo,

bavuka ekuseni benze inkohlakalo

ngazo zonke izenzo zabo.

8“Ngakho-ke ngilindeni,” kusho uSimakade,

“kuze kube lusuku engisukuma ngalo ngiphange,

ngokuba kuyisinqumo sami ukuqoqa izizwe,

ngihlanganise ndawonye imibuso,

ukuba ngithululele kuzo intukuthelo yami,

lonke ulaka lwami oluvuthayo,

ngokuba wonke umhlaba

uyakungqongqiswa ngumlilo womhawu wami.”

USimakade Ubuyisa Abantu Bakhe

9“ ‘Ngokuba ngaleso sikhathi

ngiyakunika abantu izindebe zomlomo ezihlanzekileyo,

ukuze bonke babize igama likaSimakade,

bamkhonze bemunye.

10Kusukela phesheya kwemifula eKhushe

abanxusa kimi,

indodakazi yabahlakazekileyo bami,

bayakuletha umnikelo wami.

11Ngalolo lusuku awuyukuba namahloni

ngazo zonke izenzo zakho

owahlubuka ngazo kimi,

ngokuba ngiyakususa kuwe

abajabulela ukuzigqaja kwabo;

awusayukuphinde uzikhukhumeze futhi

entabeni yami engcwele.

12Kepha ngiyakushiya kuwe

abantu abahluphekileyo nabampofu;

bayakukhosela egameni likaSimakade.

13Insali yakwa-Israyeli ayiyukwenza okubi,

ayiyukuwaqamba amanga,

futhi akuyukutholakala emlonyeni wayo

ulimi lwenkohliso.

Impela iyakudla, ilale phansi,

kungabi bikho oyethusayo.’ ”

14Hlokoma ngentokozo ndodakazi yaseZiyoni,

umemeze, Israyeli,

uthokoze, futhi ujabule ngenhliziyo yonke,

ndodakazi yaseJerusalema.

15USimakade usisusile isigwebo sakho,

wasixosha nesitha sakho.

INkosi yakwa-Israyeli, uSimakade,

iphakathi kwakho,

awusayukwesaba futhi okubi.

16Ngalolo lusuku kuyakuthiwa kulo iJerusalema:

“Ungesabi, Ziyoni!

Izandla zakho mazingayethi.

17USimakade uNkulunkulu wakho unawe,

iqhawe eliyakukunqobisa.

Uyakukujabulela kakhulu wena,

athule othandweni lwakhe,

akuthokozele ngokuhlokoma kwentokozo.”

18“Labo abadabuka ngemikhosi

enqunyiweyo ngiyakubaqoqa,

ngibasuse kuwe,

bangumthwalo nehlazo kuwe.

19Uyabona-ke, ngaleso sikhathi

ngiyakubhekana ngqo nabo bonke abakuhluphayo,

ngisindise abaqhugayo,

ngiqoqe abaxoshiweyo,

ngibenze babe nodumo negama

abahlazeka emhlabeni wonke.

20Ngaleso sikhathi ngiyakunibuyisa,

lapho nginiqoqa,

ngokuba ngiyakunenza nibe negama nodumo

kubo bonke abantu bomhlaba,

mhla ngiguqula ukuthunjwa kwenu

nizibonela ngawenu amehlo,” kusho uSimakade.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help