AMahubo 78 - IsiZulu 2020

UNkulunkulu Wethembekile Kubantu BakheIMaskili lika-Asafa

1Bantu bami, yizwani umthetho wami,

nibeke izindlebe zenu

emazwini omlomo wami.

2Umlomo wami ngizowuvula,

ngisho umfanekiso,

ngizobonakalisa izimfihlakalo zasemandulo,

3izinto esezwa ngazo sazazi,

esazitshelwa ngokhokho.

4Asiyukubafihlela zona abantwana babo,

kodwa siyotshela izizukulwane

izibongo zikaSimakade,

amandla akhe nemisebenzi

emangalisayo ayenzileyo.

5Wamisa isiyalo kwaJakobe,

washaya umthetho kwa-Israyeli,

wayala ukuba okhokho bethu

bawufundise abantwana babo,

6ukuze waziwe yisizukulwane esilandelayo,

abantwana abayobazala nabo bavuke,

batshele abantwana babo ngawo.

7Bayobeka ithemba labo kuNkulunkulu,

bangakhohlwa yimisebenzi kaNkulunkulu,

ukuze bagcine imiyalo yakhe.

8Bangabi njengawoyisemkhulu,

isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo,

isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso,

nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.

9Abantu bakwa-Efrayimi, sebehlomile bephethe iminsalo,

babuyela emuva ngosuku lwempi.

10Kabasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu,

benqaba ukuhamba ngomthetho wakhe.

11Bayikhohlwa imisebenzi yakhe

nezimangaliso zakhe ayebabonise khona.

12Izimangaliso wazenza phambi koyisemkhulu

eGibhithe, eZowani.

13Wehlukanisa ulwandle, wabadabulisa kulo,

amanzi wawamisa anjengodonga.

14Emini wabahola ngefu,

ubusuku bonke, ngokukhanya komlilo.

15Waqhekeza amadwala ehlane,

wabaphuzisa benela,

kungathi kuvela ekujuleni.

16Wenza kwagobhoza imithombo edwaleni,

amanzi wawenza ageleza njengemifula.

17Nokho baqhubeka bona kuye,

bamhlubuka Ophezukonke ehlane.

18Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo

ngokucela ukudla ababekufisa.

19Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi:

“UNkulunkulu angalendlala yini itafula ehlane na?

20Noma ashaya idwala kwaphuma amanzi,

kwampompoza imifula;

angabapha yini isinkwa

noma abahlinzeke ngenyama

abantu bakhe na?”

21Ngakho-ke lapho uSimakade ekuzwa lokho,

wathukuthela, kwavutha umlilo kwaJakobe,

ulaka lwakhe lwehlela ku-Israyeli,

22ngoba abakholwanga nguNkulunkulu,

abaze bethembela ensindisweni yakhe.

23Nokho wayala amafu,

wavula iminyango yezulu,

24wanisela phezu kwabo imana ukuze badle,

wabapha ukudla kwasezulwini.

25Abantu badla isinkwa sezingelosi,

wabathumelela insada yokudla.

26Wadedela umoya wasempumalanga ezulwini,

ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.

27Wanisa inyama phezu kwabo njengothuli,

nezinyoni ezinamaphiko

zafana nesihlabathi solwandle.

28Lokho wakwehlisa phakathi kwenkambu yabo,

naphakathi kwezindlu zabo.

29Badla basutha kakhulu,

ngokuba Yena wabapha ababekufisa.

30Babengakehlukani nokufisa kwabo,

besakumumethe ukudla kwabo emilonyeni,

31ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabo,

wazibulala iziqhwaga,

waziqumba phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.

32Phezu kwakho konke lokho

baqhubeka nokona,

abaze bazikholwa izimangaliso zakhe.

33Ngakho-ke izinsuku zabo waziqeda njengomoya,

neminyaka yabo, ngokwesaba.

34Lapho ebabulala, bamfuna,

babuye bamfunisisa uNkulunkulu.

35Bakhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo;

uNkulunkulu Ophezukonke

ungumkhululi wabo.

36Ngemilomo yabo babemthopha,

kodwa beqamba amanga bngezilimi zabo.

37Inhliziyo yabo yayingabambelele kuye,

bengathembekile esivumelwanei sakhe.

38Kepha Yena waba nobubele,

wabathethelela ububi babo,

akaze ababhubhisa,

yebo, wazibamba kaningi olakeni lwakhe,

wangayikhiphela kubo yonke intukuthelo yakhe.

39Wakhumbula ukuthi bangabantu nje,

bangumoya owedlulayo ongenakubuya.

40Babemhlubuka kaningi kangakanani ehlane,

bemdabukisa ogwadule!

41Bamlinga uNkulunkulu bephindelela,

bemdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.

42Kabazange bawakhumbule amandla akhe,

nosuku abahlenga ngalo ezitheni,

43ngesikhathi enza izibonakaliso

nezimangaliso eGibhithe, eZowani.

44Waphendula imifula yabo yaba yigazi,

ukuze bangakwazi ukuphuza emithonjeni yabo.

45Wabathumelela izibawu ezabalumayo,

namaselesele ababhubhisayo.

46Ukudla kwabo wakunika imiswenya,

nomsebenzi wabo, isikhonyane.

47Imivini yabo wayibulala ngesichotho,

nemikhiwane yabo, ngesangquma.

48Izinkomo zabo wazinikela esichothweni

nezimvu nezimbuzi zabo, emibanini.

49Ukuvutha kolaka lwakhe

wakuthululela phezu kwabo,

ulaka, ukufutheka nokuhlupheka,

ngokuthuma izithunywa zobubi.

50Walungisela intukuthelo yakhe indlela,

akawuphephisanga umphefumulo wabo ekufeni,

kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.

51Washaya amazibulo wonke aseGibhithe,

okokuqala kwamandla abo, emathendeni kaHamu.

52Kepha abantu bakhe wabakhipha njengezimvu,

njengomhlambi wabahola ehlane.

53Wabahola kahle, abaze besaba;

ulwandle lwazisibekela izitha zabo.

54Wabayisa emngceleni wakhe ongcwele

entabeni eyayizungezwe yisandla sakhe sokunene.

55Waxosha abezizwe phambi kwabo.

Wadabula izwe,

wababela lona, laba yifa labo,

izizwe zakwa-Israyeli

wazihlalisa emathendeni azo.

56Nokho bamlinga,

bamhlubuka uNkulunkulu oPhezukonke,

abaze babugcina ubufakazi bakhe.

57Bahlehlela emuva, njengoyisemkhulu, bamkhohlisa,

baphambuka njengomnsalo ogejile.

58Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo,

bamcunula ngezithombe zabo.

59Ngesikhathi uNkulunkulu ekuzwa lokho

wabathukuthelela,

wamlahla impela u-Israyeli.

60Walilahla ithabanakeli eliseShilo,

ithende ayelimise phakathi kwabantu bakhe.

61Amandla akhe wawanikela ekuthunjweni,

nenkazimulo yakhe, esandleni sesitha.

62Abantu bakhe wabanikela enkembeni,

ifa lakhe walithukuthelela.

63Izinsizwa zakhona zagwinywa ngumlilo,

izintombi zakhona zangahayelwa nkondlo.

64Abaphristi bakhona bawa ngenkemba,

abafelokazi bakhona abaze balila.

65INkosi yayisivuka kwasengathi ibikade ilele

njengeqhawe elehlulwe yiwayini.

66Izitha zayo yazichithela emuva,

yazithela ngehlazo elingunaphakade.

67Yayilahla indlu kaJosefa,

ayaze yasikhetha isizwe sakwa-Efrayimi.

68Kepha yaqoka isizwe sakwaJuda,

intaba iZiyoni eyithandayo.

69Indlu yayo engcwele yayakha njengezintaba,

nanjengomhlaba ewusekele

kuze kube phakade.

70Yakhetha uDavide, inceku yayo,

yamthatha ezibayeni zezimvu.

71Wayeselandela izimvukazi ezenyisayo,

yamthatha ukuba eluse

abantu bayo, uJakobe

nefa layo, u-Israyeli.

72Wabelusa ngenhliziyo eqotho.

Wabahola ngesandla esinekhono.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help