UJobe 21 - IsiZulu 2020

UJobe Uphendula Inkulumo Yesibili KaZofari

1UJobe waphendula, wathi:

2“Walaleleni ngokucophelela amazwi ami;

lokhu makube yinduduzo evela kini.

3 Ngibekezeleleni, ngizakukhuluma,

ningangiklolodela-ke lapho sengiqedile ukukhuluma.

4 “Ngabe ukukhononda kwami kungomuntu yini na?

Kungani umphefumulo wami ungebekezele na?

5 Ngibhekeni, nishaqeke,

nibambe ongezansi.

6 Uma ngikhumbula lokhu, ngiyaphazamiseka,

ukwesaba kuhlasimulise umzimba wami.

7 Kungani izikhohlakali ziphila,

zize zibe zindala,

yebo, zidlondlobale

zibe namandla na?

8 Abantwana bazo bekhula

bamiswe phambi kwazo,

nozalo lwazo, phambi kwamehlo azo.

9 Izindlu zazo zivikelekile,

akukho ukwesaba kuzo;

uswazi lukaNkulunkulu alukho phezu kwazo.

10Inkunzi yazo iyakhwela, kayiphuthi;

inkomazi yazo iyazala, kayiphunzi.

11Zikhipha amankonyane azo njengomhlambi;

abantwana bazo bayatshakadula.

12Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu,

bathokoza ngomsindo womtshingo.

13 Ziphetha imihla yazo ngokuhle,

zehlela endaweni yabafileyo ngokuthula.

14 Nokho zithe kuNkulunkulu:

‘Suka kithi, asifuni

ukwazi izindlela zakho.

15 USomandla uyini ukuba simkhonze na?

Siyakuzuzani uma sikhuleka kuye na?’

16 Bhekani, impumelelo yazo isezandleni zazo;

izeluleko zezikhohlakali zikude nami.

17 “Kukangaki lapho isibani sezikhohlakali

sicinywa khona,

zehlelwe yinhlekelele,

zabelwe isabelo ngentukuthelo yakhe na?

18 Zifana nezibi phambi komoya,

namakhoba epheshulwa yisiphepho.

19 UNkulunkulu ukubekele abantwana bazo

ukukhohlakala kwazo,

kodwa makabuphindisele kuzo uqobo,

ukuze zikwazi.

20 Mazikubone ukubhubha kwazo ngamehlo azo,

ziphuze intukuthelo kaSomandla.

21Zinandabani nabendlu yazo uma sezingasekho,

lapho umumo wezinyanga zazo usunqunyiwe na?

22 Ukhona yini ongafundisa uNkulunkulu ukwazi,

Yena owehlulela abaphakemeyo na?

23 “Omunye ufa esemi kahle kukho konke,

ezinzile, enokuthula.

24 Umzimba wakhe unonophele,

umnkantsha wamathambo akhe ucebile.

25Omunye ufa enomphefumulo onomunyu,

engakaze adle okuhle.

26 Bayolala phansi othulini kanyekanye,

izimpethu zibemboze.

27Bhekani, ngiyayazi imicabango yenu,

namacebo enu enifuna ukungihlukumeza ngawo.

28 Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu,

liphi ithende elihlala izikhohlakali na?’

29Anibabuzanga yini abadlula ngendlela?

Anibamukeli yini ubufakazi babo

30 bokuthi omubi

uyokophulwa ngosuku lwenhlekelele,

nokuthi bayaphunyuka ngosuku lwentukuthelo na?

31Ngubani oyakumtshela kwezikabhoqo

ngendlela yakhe na?

Ngubani oyakuphindisela

ngalokho akwenzileyo na?

32Uyakuyiswa ethuneni,

kube khona olinda elibeni.

33 Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye;

bonke abantu bayakumlandela

njengokuba bengenakubalwa

nababephambi kwakhe.

34 “Pho ningiduduzelani ngeze,

lokhu ezimpendulweni zenu

kusele inkohliso yodwa na?”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help