UJobe 33 - IsiZulu 2020

U-Elihu Ukhuza UJobe Ngokusola UNkulunkulu

1“Kepha manje, Jobe, ake ungilalele,

yizwa amazwi ami.

2Ngivula umlomo wami,

ulimi lwami luyakhuluma.

3 Amazwi ami aveza ubuqotho

benhliziyo yami,

lokho izindebe zami ezikwaziyo,

zikukhuluma ngeqiniso.

4 UMoya kaNkulunkulu ungenzile,

nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.

5 Ngiphendule, uma ukwazi,

hlela amazwi akho phambi kwami,

ume ubhekane nami.

6 Bheka, phambi kukaNkulunkulu ngifana nawe nje,

nami ngibunjwe ngodongwe.

7Ungesabi ungangenwa ngamanzi emadololweni,

nesandla sami asizukuba nzima phezu kwakho.

8“Impela ukhulumile, ngizizwela ngezami izindlebe,

ngawezwa amazwi owashilo.

9 Uthi: ‘Ngimsulwa, anginasiphambeko,

ngilungile, akukho okubi kimi.

10 Uthole amathuba okumelana nami,

ungishaya isitha sakhe.

11 Ufaka izinyawo zami ezingongolweni,

aqaphe zonke izinyathelo zami.’

12“Kulokhu awukhulumanga kahle.

Ngizokuphendula, uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.

13 Kungani uqagulisana naye,

ngokuthi akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.

14 Empeleni, uNkulunkulu ukhuluma ngendlela eyodwa,

noma ezimbili,

nokho umuntu akakunaki lokho.

15 Ephusheni nasembonweni ebusuku,

lapho abantu belele ubuthongo obunzima,

bethe zwi emibhedeni yabo,

16 khona uyazivula izindlebe zabantu,

abethuse ngezexwayiso zakhe,

17ukuze amphendule umuntu ezenzweni zakhe,

ashabalalise ukuzidla kumuntu.

18 Umphefumulo wakhe awuphephise egodini,

nokuphila kwakhe kungabhujiswa ngomkhonto.

19 Uyajeziswa ngobuhlungu esecansini lakhe,

nangokunkenketha okungapheliyo emathanjeni akhe.

20 Inhliziyo yakhe iyanengwa ngukudla,

nomphefumulo wakhe uyakwenyanya ukudla

akade ekufisa.

21 Umzimba wakhe uyancunzeka,

uphele emehlweni,

amathambo akhe akade engabonakali

ahlale obala.

22 Umphefumulo wakhe usondela egodini,

nempilo yakhe, kubabulali.

23 “Uma bekungaba khona ingelosi,

ummeli abe munye enkulungwaneni,

obeyothi lo muntu ulungile,

24 uNkulunkulu abe nomusa kuye, athi:

‘Mhlenge angehleli egodini, ngisitholile isihlengo,’

25isikhumba sakhe sibe njengesomntwana,

abuyele emihleni yobusha bakhe,

26 khona uyakukhuleka kuNkulunkulu,

Yena amamukele,

eze kuye ngentokozo,

uNkulunkulu ambuyiselele ukulunga kwakhe.

27 Lo muntu bese ebheka abantu,

athi: ‘Ngonile, ngahlanekezela okulungileyo,

kodwa akwenzekanga kimi njengokufanele.

28 Uwuhlengile umphefumulo wami,

awaze wedlulela egodini;

impilo yami izokubona ukukhanya.’

29 “Konke lokhu

uNkulunkulu uyakwenza kumuntu kabili,

yebo, nakathathu,

30 ukuze awubuyise umphefumulo wakhe egodini,

akhanyiselwe ngokukhanya kokuphila.

31Yizwa Jobe, ngilalele,

thula, mina ngizakukhuluma.

32Uma unamazwi, ngiphendule,

khuluma, ngokuba

ngifisa ukukuthethelela.

33Uma ungenawo, ngilalele,

thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help