U-Izaya 65 - IsiZulu 2020

Ukwehlulelwa Kwabahlubuke USimakade

1“Ngavuma ukufunwa yilabo abangangicelanga,

ngafunyanwa ngabangazange bangifune,

ngathi: ‘Ngilapha, ngilapha,’

esizweni esingabizwanga ngeGama lami.

2Ngibelulele izandla zami

usuku lonke abantu abahlubukayo,

abahamba ngendlela engeyinhle

nangokwemicabango yabo,

3abantu abahlala njalo bengichukuluza, bengikhomba,

behlabela ezivandeni,

beshisa impepho phezu kwezitini;

4abahlala emathuneni,

balale ezindaweni ezisithekileyo,

abadla inyama yezingulube,

benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,

5abathi: ‘Mana khona lapho,

ungasondeli kimi,

ngokuba ngehlukanisiwe kuwe;’

laba bantu banjengentuthu emakhaleni ami,

umlilo ovutha usuku lonke.

6“Bheka, kulotshwe phambi kwami

ukuthi: angiyukuthula, ngiyoziphindiselela,

yebo, ngiphindisele ezifubeni zabo

7ububi babo, nobokhokho babo kanyekanye,” kusho uSimakade.

8Usho kanje uSimakade, uthi:

“Njengalokhu iwayini elisha

litholwa ehlukuzweni lamagilebhisi,

bese kuthiwa:

‘Ningaloni ngokuba kunesibusiso esikulo,’

ngiyokwenza kanjalo,

ngenxa yenceku yami:

angiyukubabulala bonke.

9Ngiyakuveza izizukulwane kuJakobe,

nendlalifa yezintaba zami kuJuda;

abakhethiweyo bami bayakulidla,

nezinceku zami ziyakukwakha khona.

10ISharoni liyakuba yidlelo lezimvu,

nesigodi i-Akhori sibe yindawo

yokubuthisa izinkomo kubantu bami.

11“Maye, kinina enishiya uSimakade,

nikhohlwe yintaba yami engcwele,

enihlelela iNhlanhla itafula,

nenigcwalisela uMiselo iwayini elixhutshanisiweyo;

12ngiyakunigweba ngenkemba,

nonke niyokhothamela ukuhlatshwa,

ngokuba ngesikhathi nginibiza, aniphendulanga;

nalapho ngikhuluma, aningizwanga;

kodwa nenze okubi emehlweni ami,

nakhetha lokho engingathokozi ngakho.”

13Ngalokho isho kanje iNkosi uSimakade, ithi:

“Niyabona-ke, izinceku zami ziyakudla,

kodwa nina niyakulamba;

bhekani, izinceku zami ziyakuphuza,

kepha nina niyokoma;

bhekani, izinceku zami ziyakuthokoza,

kodwa nina niyakujabha;

14bhekani, izinceku zami ziyakumemeza ngokujabula

nangokwenama kwenhliziyo,

kepha nina niyakukhala

ngokudabuka kwenhliziyo yenu,

nilile ngobuhlungu emphefumulweni.

15Niyakulishiya igama lenu,

libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami,

iNkosi uSimakade iyonibulala,

ibize izinceku zayo ngelinye igama.

16Ngakho-ke lowo oyobiza

isibusiso ezweni uyakuzibusisa

ngoNkulunkulu weqiniso,

nalowo ofungayo ezweni,

uyofunga ngoNkulunkulu weqiniso,

ngokuba izinhlupheko zakuqala zikhohlakele,

futhi zifihlakele emehlweni ami.”

Izulu Elisha Nomhlaba Omusha

17“Ngokuba bheka, ngiyakudala izulu elisha

nomhlaba omusha;

izinto zakuqala aziyukukhunjulwa,

azinakuvuka enhliziyweni.

18Kodwa jabulani nethabe kuze kube phakade

ngalokho engizakukudala,

ngokuba ngizakulenza iJerusalema libe ngukwethaba,

nabantu balo babe yinjabulo.

19Ngiyakwethaba ngeJerusalema,

ngijabule ngabantu bami,

akuseyukuzwakala kulo izwi lokulila

nezwi lokukhala.

20“Kusukela lapho akusayukuba khona

usana oluyophila izinsukwana,

nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo,

ngokuba oyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala,

uyothathwa njengobesemusha;

nalowo ofa engayihlanganisanga

iminyaka eyikhulu,

kuyakuthiwa uqalekisiwe.

21Bayokwakha izindlu, bahlale kuzo,

batshale izivini, badle izithelo zazo.

22Abayukwakha, bese kuhlala omunye;

abayukutshala, bese kudla omunye,

ngokuba izinsuku zabantu bami

ziyokuba njengezinsuku zomuthi;

abakhethiweyo bami

bayowuthokozela isikhathi eside

umsebenzi wezandla zabo.

23Abayukushikashikela ize,

noma bazale izingane bezizalela ukuhlupheka,

ngokuba bayizizukulwane zababusisiweyo bakaSimakade,

kanjalo nabantwana babo.

24Kuyakuthi bengakangibizi, ngibaphendule;

besakhuluma, ngiyokuzwa.

25Inkentshane liyakudla ndawonye newundlu,

ingonyama idle utshani njengenkomo,

uthuli lube ngukudla kwenyoka;

akuyukulimazana,

akuyukucekelana phansi

kuyo yonke intaba yami engcwele,” kusho uSimakade.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help