U-Amose 4 - IsiZulu 2020

Ukujeziswa Kwezinkomazi ZaseBhashani

1Yizwani leli lizwi,

nina zinkomo zaseBhashani

enisentabeni eSamariya,

enicindezela abampofu,

niphathe kabi abantulayo,

enithi emakhosini enu:

“Lethani, siphuze.”

2INkosi uSimakade ifungile ngobungcwele bayo,

yathi: “Bhekani-ke, ziyonifikela

izinsuku lapho niyakuthathwa ngezingwegwe,

nezizukulwane zenu ngezindobo zokudoba.

3Niyakuphuma ngamunye ngamunye ngezintuba,

nilahlwe eHermoni,”

kusho uSimakade.

Abakwa-Israyeli Bangamahlongandlebe

4“Wozani eBhethele, nizokona,

naseGiligali, nizokwandisa iziphambeko,

nilethe imihlatshelo yenu njalo ekuseni,

nokweshumi kwenu ngezinsuku ezintathu.

5Nishise umnikelo wokubonga ngokunemvubelo,

nimemezele iminekelo yesihle,

niqhoshe ngayo,

ngokuba nithanda ukwenza kanjalo,

bantu bakwa-Israyeli,” kusho iNkosi uSimakade.

6“Mina nganilethela indlala

kuyo yonke imizi yenu,

nokuntula isinkwa

kuzo zonke izindawo zenu,

kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.

7“Nganigodlela futhi nemvula,

kusasele izinyanga ezintathu kuvunwe;

ngayidedela komunye umuzi;

ngangalinisa komunye,

ngayidedela kwesinye isiqephu sezwe,

ngangalinisa kwesinye isiqephu,

kwathi isiqephu engananga kuso sasha.

8Imizi emibili noma emithathu yadiyazela,

yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi,

kodwa ayaneliswanga;

nakuba kunjalo

kepha anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.

9“Nganishaya ngokuhwamuka nesikhutha;

izivande zenu ezininingi,

izivini zenu, imikhiwane yenu

neminqumo yenu kwadliwa yisikhonyane,

kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.

10“Nganithumelela ubhubhane

ngendlela efanayo neyaseGibhithe,

ngazibulala ngenkemba izinsizwa zenu,

ngathumba amahhashi enu,

ngenza ukuba iphunga lokunuka kwenkambu yenu

likhuphukele emakhaleni enu,

kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.

11“Ngababhubhisa abanye benu

njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora;

nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni,

kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.

12“Ngakho-ke ngiyakwenza kanjalo kuwe, Israyeli,

njengoba-ke ngiyakwenza lokhu kuwe,

zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.”

13Uyabona-ke, Yena owabumba izintaba,

wadala umoya,

Yena otshela abantu imicabango yakhe,

owenza intathakusa ibe ngubumnyama,

ohamba ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,

igama lakhe nguSimakade,

uNkulunkulu Wamabandla.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help