UHezekeli 15 - IsiZulu 2020

Umvini Owomileyo

1Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:

2“Ndodana yomuntu, kungani ukuba ukhuni lomvini luyedlule yonke eminye imithi, negatsha lomvini phakathi kwezinye izihlahla ehlathini na?

3Kungathathwa yini ukhuni kuwo ukuba kwenziwe ngalo okuthile na? Abantu bangawenza yini amahhuku okuphanyeka okuthile?

4Lapho selufakwe emlilweni ukuba kubaswe izihloko zalo zombili sezidliwe ngumlilo, kanjalo nesiqu salo sesishile, ngabe lusenawo yini umsebenzi na?

5Uma ngesikhathi lusaphelele belungenamsebenzi walutho, kungenziwani ngalo lapho seludliwe ngumlilo, lwasha na?

6“Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘njengokhuni lomvini oluphakathi kwezihlahla zehlathi, engilunikele emlilweni ukuba lushe, kanjalo-ke ngizinikele izakhamuzi zaseJerusalema.

7Ngiyakubhekana nazo ngqo, ngimelane nazo, nakuba ziphumile emlilweni, nokho ziyakuqedwa yiwo umlilo, niyakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade lapho sengibhekene nazo ngqo.

8Izwe ngiyakulenza libe yincithakalo, ngokuba abethembekanga, kusho iNkosi uSimakade.’ ”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help