UHabhakuki 3 - IsiZulu 2020

Umkhuleko KaHabhakuki

1Umkhuleko kaHabakuki umphrofethi ngeshigiyonothi.

2Simakade, ngizwile umbiko ngawe,

ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho;

uvuselele nakule minyaka,

wenze ukuba waziwe kule minyaka,

ukhumbule isihawu sakho nasolakeni.

3UNkulunkulu uvela eThemani,

oNgcwele uphuma entabeni iPharanu.Sela

Inkazimulo yakhe isibekela amazulu,

udumo lwakhe lugcwele umhlaba.

4Ukukhanya kwakhe kufana nelanga liphuma,

imisebe ivela esandleni sakhe,

kulapho amandla akhe efihlwe khona.

5Phambi kwakhe kuhamba ubhubhane,

kulandele isifo ezinyaweni zakhe.

6Uyama, azamazamise umhlaba;

uyabuka, athuthumelise izizwe;

izintaba zakudala ziyabhidlizwa,

namagquma asemandulo ayakhothama,

yizindlela zakhe zaphakade.

7Ngibona amathende aseKhushani ekhungethwe wusizi,

amakhethini akwaMidiyani ayathuthumela.

8Simakade, ngabe ubuyithukuthelele yini imifula na?

Ngabe ulaka lwakho belumelene yini nemifula

noma intukuthelo yakho nolwandle,

ukuba ugibele amahhashi akho,

nezinqola zakho zokunqoba, na?

9Umnsalo wakho usulungile,

uvele obala,

ubize imicibisholo emgodleni,

wadabula umhlaba ngemifula. Sela

10Izintaba zikubona qede ziyobayobe;

isikhukhula siyadlula;

izinzulu zizwakalise ukuhlokoma kwazo,

ziphakamisele phezulu izandla zazo.

11Ilanga nenyanga kwama nse endaweni yakho

ngokubenyezela kwemicibisholo yakho eshwezayo

nangokunyazima komkhonto wakho okhanyayo.

12Udabula umhlaba ngentukuthelo,

ugxobagxobe izizwe ngolaka.

13Uphumele ukusindiswa kwabantu bakho,

ukusindiswa kogcotshiweyo wakho;

uphohloza umholi endlini yababi,

umhlubule kusukela phansi

kuze kube sentanyeni. Sela

14Ugwaza ikhanda lomholi wabo

ngeyakhe imikhonto,

lapho amabutho akhe engithelekela

ukuba angihlakaze,

ejabula njengazoshwabadela ompofu esithe.

15Unyathela ulwandle ngamahhashi akho,

amanzi amaningi agubhayo.

16Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami,

izindebe zomlomo wami

zaqhaqhazela ngomsindo;

ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami,

ngathuthumela lapho ngimi khona,

ngizothula ngilinde kuze kufike

usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.

17Noma umkhiwane ungeqhakaze,

nemivini ingabi nazithelo,

nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli,

amasimi angabi nasivuno,

kungabi bikho mhlambi wezimvu

nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni,

18nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade,

ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami.

19USimakade iNkosi, ungamandla ami,

wenza izinyawo zami zibe njengezendluzela,

enze ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo.

Kumholi wokuhlabelelisa ngohabhu lwami.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help