1Emhlabeni wonke abantu babekhuluma lulimi lunye.
2 Basuka empumalanga baze bayofika emathafeni eShinari, bahlala khona.
3 Babonisana, bathi: “Wozani sibumbe izitini, sizipheke emlilweni ukuze ziqine!”
Esikhundleni samatshe babumba izitini, esikhundleni sodaka benza ibhithumeni.
4 Base bethi: “Wozani sizakhele isithabathaba somuzi onombhoshongo omude ofinyelela esibhakabhakeni, ukuze ngawo sizakhele igama emhlabeni, singahlakazeki nezwe lonke!”
5 USimakade wehla ukuzobona umuzi nombhoshongo owawakhiwe ngabantu.
6 Wathi: “Bheka, laba bantu basizwe sinye, bakhuluma lulimi lunye. Lokhu kuseyisiqalo nje sezinto abazozenza. Manje sebezokwenza noma yini abazimisele ukuyenza.
7 Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”
8 USimakade wabahlakaza kanjalo-ke bagcwala umhlaba wonke, bakuyeka ukwakha umuzi.
9 Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke.
Izizukulwane ZikaShemu(1 IZik. 1:24-27)10 Nanku umlando wezizukulwane zikaShemu. Kwaphela iminyaka emibili unqamukile uzamcolo, uShemu eseneminyaka eyikhulu, wazala u-Arifaksadi.
11Esemzele u-Arifaksadi, waphila iminyaka engama-500: wayezele namanye amadodana namadodakazi.
12Kuthe u-Arifaksadi eseneminyaka engama-35, wazala uShela.
13Emva kokuzala uShela, u-Arifaksadi waphila iminyaka engama-403, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
14UShela wayeseneminyaka engama-30 ezala u-Ebhere.
15Esemzele u-Ebhere, waphila iminyaka engama-403, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
16Kuthe u-Ebhere eseneminyaka engama-34, wazala uPhelegi.
17Esemzele uPhelegi, u-Ebhere waphila iminyaka engama-430, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
18UPhelegi eseneminyaka engama-30, wazala uRegu.
19Esemzele uRegu, uPhelegi waphila iminyaka engama-209, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
20URegu eseneminyaka engama-32, wazala uSerugi.
21Esemzele uSerugi, uRegu waphila iminyaka engama-207, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
22USerugi eseneminyaka engama-30, wazala uNahori.
23Esemzele uNahori, uSerugi waphila iminyaka engama-200, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
24 UNahori eseneminyaka engama-29, wazala uThera.
25Esemzele uThera, uNahori waphila iminyaka eyi-119, wabuye wazala amadodana namadodakazi.
26Kuthe uThera eseneminyaka engama-70, wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana.
Izizukulwane ZikaThera27Nanku umlando wezizukulwane zikaThera. UThera wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana. UHarana wazala uLothi.
28 UHarana wafa kuqala kunoyise uThera ezweni ayedabuka kulo i-Uri lamaKhaledi.
29 U-Abhrama noNahori baganwa. U-Abhrama waganwa nguSarayi, uNahori waganwa nguMilikha, owayeyindodakazi kaHarana, owayezala u-Isikha.
30 USarayi wayeyinyumba, engenabantwana.
31 UThera wathatha indodana yakhe u-Abhrama noLothi owayezalwa nguHarana, nomalokazana wakwakhe uSarayi owayegane u-Abhrama, bonke base belifulathela i-Uri lamaKhaledi, balibangisa eKhanani. Bafika bahlala eHarana.
32UThera waphila iminyaka engama-205, wafela eHarana.
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.