U-Izaya 45 - IsiZulu 2020

USimakade Ubeka UKhoresi

1“Usho kanje uSimakade

kogcotshiweyo wakhe, uKhoresi,

osandla sakhe sokunene ngisibambile

ukuba ngehlule izizwe phambi kwakhe,

ngihlubule amakhosi izembatho zawo,

ngivule iminyango phambi kwakhe;

amasango awasayukuvalwa.

2Mina ngiyakuhamba phambi kwakho,

ngihlelembe amagebhugebhu,

ngephule izivalo zethusi,

nginqume imigoqo yensimbi.

3Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama,

nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezifihlakeleyo,

ukuba wazi ukuthi nginguSimakade

okubiza ngegama lakho,

uNkulunkulu ka-Israyeli.

4Ngenxa yenceku yami uJakobe,

u-Israyeli okhethiweyo wami,

ngikubizile ngegama lakho,

ngiyakukunika igama lodumo,

noma ungangazi.

5Mina nginguSimakade,

akekho omunye uNkulunkulu

ngaphandle kwami;

ngiyakukubhincisa noma ungazange ungazi,

6ukuze abantu bazi,

kusukela ekuphumeni kwelanga

kuze kube sekushoneni kwalo,

ukuthi akekho omunye ngaphandle kwami;

Mina nginguSimakade,

akekho omunye;

7yimi engenza ukukhanya

nengidala ubumnyama,

ngenza ukuthula,

ngidale inhlekelele;

nginguSimakade owenza konke lokho.

8“Consani mazulu phezulu,

amafu athulule ukulunga;

umhlaba mawuvuleke,

kuthelwe ukusindiswa,

kumile nokulunga;

Mina Simakade ngikudalile.

9“Maye, kuye olwa noMenzi,

udengezi phakathi kwezindengezi zomhlabathi!

Ibumba liyakusho yini

kolibumbayo, lithi:

‘Wenzani na?’

nomsebenzi wakho, uthi:

‘Akanazo yini izandla na?’

10Maye, kulowo othi kuyise:

‘Uzalani na?’

nakowesifazane, athi:

‘Unemihelo ngani na?’

11“Usho kanje uSimakade,

oNgcwele ka-Israyeli

noMenzi wakhe, uthi:

‘Ningibuza ngezinto ezizayo,

nangabantwana bami,

ningiyale ngomsebenzi wezandla zami na?

12Yimi engiwenzile umhlaba,

ngadala abantu phezu kwawo;

yizandla zami ezaleneka izulu,

ngayala wonke amaviyo alo.

13Mina ngimvusile lona ngokulunga;

ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe;

uyakuwakha umuzi wami,

avumele abathunjwa bami

ukuba bahambe,

kungabi ngomfumbathiso nangesipho,’

kusho uSimakade Wamabandla.”

14Usho kanje uSimakade, uthi:

“Ingcebo yaseGibhithe

nokuzuziweyo kwaseKhushe,

nangamaShebha, abantu abade;

kuyakuza kuwe, kube ngokwakho;

bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga;

bakukhothamele, bakhuleke kuwe, bathi:

‘UNkulunkulu unani kuphela,

akekho omunye,

akekho omunye uNkulunkulu

ngaphandle kwakhe.’ ”

15Impela unguNkulunkulu ozifihlayo,

uNkulunkulu ka-Israyeli, osindisayo.

16Bayakujabha bonke ngothi lwabo,

babe namahloni,

bayokuhamba bedumele bonke abenza izithombe.

17Kepha u-Israyeli usindisiwe nguSimakade,

ngokusindiswa okuphakade;

aniyukujabha, aniyukuba namahloni

kuze kube phakade.

18Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu,

uNkulunkulu, owabumba umhlaba;

wawenza, wawumisa,

engawudalelanga ize;

wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi:

“NginguSimakade, akekho omunye.

19Angikhulumanga ekusithekeni,

endaweni emnyama emhlabeni;

angishongo kwabozalo lukaJakobe, ngathi:

‘Ngifuneni ngeze.’

Mina Simakade ngikhuluma ukulunga,

ngimemezela okuqotho.

20“Qoqanani ndawonye nize,

sondelani nina abasindileyo bezizwe;

abanalwazi abathwala umuthi

wezithombe zabo ezibaziweyo,

bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.

21Kumemezeleni, nikuveze;

yebo, mabaxoxe.

Ngubani owakubikezela lokhu endulo,

wakumemezela esikhathini sasemandulo na?

AkusiMina Simakade na?

Akekho uNkulunkulu ngaphandle kwami,

uNkulunkulu olungileyo noMsindisi,

akekho ngaphandle kwami.

22“Nina nonke mikhawulo yomhlaba,

phendukelani kimi, nisindiswe,

ngokuba nginguNkulunkulu, akekho omunye.

23Ngizifunge Mina,

izwi liphumile emlonyeni wami ngokulunga,

aliyukubuyela emuva:

wonke amadolo, ayoguqa kimi

nezilimi zonke ziyofunga.

24Kuyothiwa ngami:

‘KukuSimakade kuphela ukulunga namandla.’ ”

Bonke ababemthukuthelele

bayakufika kuye, bajabhe.

25KuSimakade zonke izizukulwane zika-Israyeli

ziyolungisiswa, zibe nodumo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help