1 UDavide wayesethi: “Le yindlu kaSimakade uNkulunkulu, leli yi-althare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”
UDavide Ulungiselela Ukwakhiwa Kwendlu KaSimakade2 UDavide wayala ukuba kuqoqwe bonke abafokazi ababekwa-Israyeli, wabeka ababazi bamatshe ukuba babaze amatshe axhoziweyo, ukuze kwakhiwe indlu kaNkulunkulu.
3 UDavide waqokelela nensimbi eningi yokwenza izipikili zeminyango nezamasango nezokuhlanganisa ithusi eliningi elisisindo salo singenakulinganiswa,
4 nemisedari engenakubalwa, ngokuba abaseSidoni nabaseThire babemlethele imisedari eminingi uDavide.
5 UDavide wathi: “USolomoni, indodana yami, usengumfana, akakaqini ukuba angakhela uSimakade indlu, ngokuba indlu okumele yakhelwe uSimakade kumele ibe yinhle kakhulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni wonke; ngakho-ke ngizakuqala mina ukuyilungiselela.”
UDavide wayilungiselela kakhulu engakafi.
6Wayesebiza uSolomoni, indodana yakhe, wamyala ukuba akhele uSimakade indlu.
7 UDavide wathi kuSolomoni, indodana yakhe: “Bekusenhliziyweni yami ukuba ngakhe indlu, ngiyakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami.
8 Kepha izwi likaSimakade lathi kimi: ‘Uchithe igazi eliningi, waphaka izimpi eziningi, ngalokho awuyukulakhela igama lami indlu, ngokuba liningi igazi olichithe emhlabathini phambi kwami.
9 Bheka, uzozalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula. Ngiyakumnika ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe uyakuba nguSolomoni, ngiyakunika u-Israyeli ukuthula noxolo ngezinsuku zakhe.
10 Uyakulakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, Mina ngibe nguyise. Isihlalo sakhe sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli ngiyosimisa kuze kube phakade.’
11 “Manje-ke, ndodana yami, uSimakade makabe nawe, ube nempumelelo, umakhele indlu kaSimakade uNkulunkulu wakho njengolokhu akhuluma kuwe.
12 Kuphela nje, sengathi uSimakade angakupha ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaSimakade uNkulunkulu wakho.
13 Khona uyakuphumelela, uma ugcina izimiso nezehlulelo uSimakade ayala ngazo uMose ngo-Israyeli. Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo.
14 “Uyabona, ekuhluphekeni kwami, ngiyilungiselele indlu kaSimakade: amathalenta egolide ayizi-100 000, amathalenta esiliva ayizi-100 000, ithusi nensimbi okungenakulinganiswa ngenxa yobuningi bakho; ngilungise nemithi namatshe, wena-ke usuyokwenezela kukho.
15Kukhona kuwe izisebenzi eziningi, ababazi, izisebenzi zamatshe nezemithi, nabo bonke abayizingcweti emisebenzini yonke:
16 eyegolide, eyesiliva, eyethusi, neyensimbi, okungenakubalwa; suka usebenze; uSimakade abe nawe.”
17 UDavide wayala zonke izikhulu zakwa-Israyeli ukuba zimelekelele uSolomoni, wathi:
18 “USimakade uNkulunkulu wenu akanani na? Akaninikanga yini ukuphumula nxazonke na? Unikele kini izakhamuzi zakuleli lizwe, walinqoba leli lizwe phambi kukaSimakade naphambi kwabantu bakhe.
19 Ngakho-ke nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu, nifune uSimakade uNkulunkulu wenu. Sukani nakhe indawo engcwele kaSimakade uNkulunkulu, ukuze kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaSimakade, nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu kuleyo ndlu eyokwakhelwa igama likaSimakade.”
Who We AreWhat We EelieveWhat We Do
2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.