U-Izaya 58 - IsiZulu 2020

Ukuzila Okuyikho

1“Memeza, ungazibambi,

liphakamise izwi lakho njengecilongo,

batshele abantu bami iziphambeko zabo,

nendlu kaJakobe izono zayo.

2Nokho bayangifuna nsuku zonke,

bayakuthokozela ukwazi izindlela zami,

ngokungathi bayisizwe esenza ukulunga,

esingazishiyanga izimiso zikaNkulunkulu waso.

Babuza kimi izehlulelo ezilungileyo,

bayakuthokozela ukusondela kukaNkulukulu.

3Bathi: ‘Sikuzileleni ukudla,

ngoba awuboni na?’

‘Sizithobeleni,

ngoba awusinaki na?’

“Bhekani, ngosuku enizila ngalo,

nenza enikuthandayo,

nicindezele zonke izisebenzi zenu.

4Niyabona-ke, nizilela ukuphikisana, nokulwa,

nokushaya ngenqindi yenkohlakalo.

Lokhu kuzila enikwenza namuhla

akwenzi ukuba izwi lenu

lizwakale ezindaweni eziphakemeyo.

5Ngabe yikhona kuzila lokhu

engikukhethileyo na?

Ngabe wusuku lokuba umuntu athobise umphefumulo na?

Ngabe kungukuba

agebise ikhanda lakhe njengomhlanga,

alale endwangwini eyisaka nasemlotheni na?

Ngabe yikho lokhu yini enikubiza ngokuzila,

nosuku olwemukelekileyo kuSimakade na?

6“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu:

ukuthukulula izibopho zenkohlakalo,

ukukhumula izitilobho ejokeni,

ukukhulula abacindezelweyo,

nokuphula wonke amajoka na?

7Akusikho yini ukwabelana

nabalambileyo isinkwa sakho,

ukungenisa abampofu nemihambima ekhaya lakho,

lapho ubona ohambaze umembathise,

nokungazifihli ezihlotsheni zakho na?

8Khona ukukhanya kwakho kuyovela njengokusa,

nokuphiliswa kwakho kuyovela masinyane,

ukulunga kwakho kuyokukwendulela,

inkazimulo kaSimakade ibe ngasemuva kwakho.

9Khona uyakumemeza, kusabele uSimakade;

uyakukhala, bese ethi:

‘Bheka, ngilapha.’

“Uma ususa ijoka phakathi kwenu,

ukukhombana ngeminwe,

nokukhuluma kabi,

10unike olambileyo ukudla kwakho,

usuthise othotshisiweyo;

khona ukukhanya kwakho

kuyovela ebumnyameni,

ukuhlwa kwakho kufane nemini.

11USimakade uyokuhola njalo,

anelise okuntulayo ezindaweni ezomileyo,

aqinise amathambo akho.

Uyakuba njengensimu eniselweyo

nanjengomthombo wamanzi,

omanzi awo engashi.

12Abanye phakathi kwenu bayokwakha kabusha

incithakalo yezakhiwo zasemandulo;

uyakuvusa izisekelo zezizukulwane ngezizukulwane,

uyobizwa ngokuthi unguMvuseleli wezingange,

noMlungisi wemigwaqo

ukuba kuhlalwe kukho.

13“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha,

ungenzi umsebenzi wakho

ngosuku lwami olungcwele;

isabatha ulibize ngokuthi yintokozo,

nosuku olungcwele lukaSimakade

ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe;

ungahambi ngezindlela zakho,

wenza okuthandwa nguwe

noma imisebenzi yakho,

14khona uyakuzijabulisa kuSimakade,

ngiyokukhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,

ngikuphe ukuba udle ifa likaJakobe uyihlo,”

ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help