2 USamuweli 2 - IsiZulu 2020

Ukugcotshwa KukaDavide Abe Yinkosi KwaJuda

1 Kwathi emveni kwalokho uDavide wabuza kuSimakade, wathi: “Ngingenyukela yini komunye wemizi yakwaJuda na?”

USimakade wathi: “Yenyuka.”

UDavide wathi: “Ngenyukele kumuphi na?”

Yena wathi: “EHebhroni.”

2 UDavide wenyuka lapho namakhosikazi akhe omabili, u-Ahinohama waseJizreyeli no-Abhigayili waseKharimeli, umkaNabali.

3 UDavide wenyuka namadoda ayenaye, kwaba yileyo naleyo nabomndeni wayo; bahlala emizaneni eHebhroni.

4 Abantu bakwaJuda bafika, bamgcoba khona lapho uDavide ukuba abe yinkosi yendlu yakwaJuda.

Base bembikela bethi: “Ngabantu baseJabheshi Gileyadi abangcwabe uSawule.”

5 UDavide wayesethumela izithunywa kubantu baseJabheshi Gileyadi, wathi kubo: “USimakade makanibusise, ngokuba nikhombise isihawu enkosini yenu uSawule, nayingcwaba.

6 Manje sengathi uSimakade anganenzela isihawu nokwethembeka, nami ngizonenzela okuhle ngenxa yalokhu enikwenzileyo.

7Manje-ke maziqine izandla zenu, nime isibindi, ngokuba uSawule, inkosi yenu, usekhotheme. Indlu yakwaJuda ingigcobile ukuba ngibe yinkosi yayo.”

Ukubekwa Kuka-Ishi Bhoshethi Abe Yinkosi Kwa-Israyeli

8 U-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi kaSawule wayesethathe u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi,

9 wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke.

10U-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eqala ukubusa kwa-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yayilandela uDavide.

11 Isikhathi uDavide abusa ngaso eHebhroni endlini yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.

Impi EGibheyoni

12 U-Abhineri, indodana kaNeri, nezinceku zika-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, basuka eMahanayimi, baya eGibheyoni.

13 UJowabe, indodana kaZeruya nezinceku zikaDavide, baphuma, bahlangana nabo ngasechibini eGibheyoni. Bahlala phansi, abanye ngakulolu hlangothi lwechibi, abanye bahlala ngakolunye.

14 U-Abhineri wathi kuJowabe: “Ake zisukume izinsizwa, zizwane amandla phambi kwethu.”

UJowabe wathi: “Mazisukume.”

15Zase zisukuma zaphumela eshashalazini, zabalwa zaze zaba li-12 ohlangothini luka-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule wakwaBhenjamini, zaba li-12 ezincekwini zikaDavide.

16Zabambana ngezihluthu, yileyo naleyo yagwaza enye ohlangothini, zawa kanyekanye. Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiHelikhathi Hazurimi, iseGibheyoni.

17 Impi yayinzima kakhulu ngalolo lusuku; u-Abhineri namadoda akwa-Israyeli behlulwa yizinceku zikaDavide.

18 Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaZeruya, uJowabe, u-Abhishayi no-Asaheli. U-Asaheli wayewunyazi egijimisa okwensephe endle.

19U-Asaheli wamhubha u-Abhineri, akaze achezukela kwesokunene noma kwesokhohlo ekumlandeleni.

20U-Abhineri waqalaza emuva, wayesethi: “Ngabe nguwe, Asaheli na?”

Wamphendula wathi: “Yebo, yimina.”

21U-Abhineri wathi kuye: “Chezuka uye ngakwesokudla noma ngakwesokunxele, uthathe enye yezinsizwa, uzithathele kuyo impango.”

Kepha u-Asaheli akazange achezuke, waqhubeka wamhubha.

22 U-Abhineri wabuye wathi ku-Asaheli: “Chezuka ungabe usangihubha; yini ufune ukuba ngikucekele phansi na? Ngiyombhekelwa ngubani umfowethu uJowabe na?”

23 Kepha wenqaba ukuchezuka. U-Abhineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, umkhonto waze wayophumela ngemuva. Wawela lapho, wafa. Bonke abafika endaweni lapho u-Asaheli ayewele khona, wafa, babema bathule du!

24U-Jowabe no-Abhishayi bamhubha u-Abhineri. Bafinyelela entabeni i-Ama, eyayimaqondana neGiya, ngendlela ebheke ehlane iGibheyoni, lapho ilanga seliyozilahla kunina.

25Abantu bakwaBhenjamini babuthana emva kuka-Abhineri, baba liviyo elilodwa; bama esiqongweni segquma elithile.

26U-Abhineri wayesememeza uJowabe, wathi: “Inkemba iyakubhubhisa njalo njalo yini na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni? Kuyoze kube nini ngaphambi kokuba ubayale abantu ukuba babuye ekuhubheni abafowabo na?”

27 UJowabe wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, ukuba ubungakhulumanga, abantu bonke bebeyobe sebekuyekile kusasa ukuhubha abafowabo.”

28UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bama, ababe besabahubha abakwa-Israyeli, futhi ababange besalwa.

29 U-Abhineri nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, badabula e-Araba, bawela iJordani, basidabula sonke isifunda iBhithroni, baze bayofinyelela eMahanayimi.

30UJowabe wabuya ekuhubheni u-Abhineri. Wayesebahlanganisa bonke abantu, kodwa kwabonakala ukuthi zili-19 izinceku zikaDavide ezafayo, ezingatholakalanga no-Asaheli.

31Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBhenjamini nabakwa-Abhineri abangama-360.

32Bamthatha u-Asaheli, bamngcwaba elibeni likayise eBhethlehema. UJowabe namadoda ayenawo base behamba ubusuku bonke, kwathi kuqambe kusa babe sebeseHebhroni.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help