U-Izaya 34 - IsiZulu 2020

Ukujeziswa Kuka-Edomi Nezinye Izizwe

1Sondelani nina zizwe, nizwe,

nina bantu, lalelani!

Mawuzwe umhlaba

nakho konke okuwugcwalisile makuzwe

izwe nakho konke okuphuma kulo.

2Ngokuba uSimakade uthukuthelela izizwe zonke,

ufuthekela yonke impi yazo;

uzakuzibhubhisa,

azinikele ukuba zibulawe.

3Ababuleweyo bazo bayakulahlwa ngaphandle,

kwenyuke ukunuka kwezidumbu zabo,

kuncibilike izintaba ngenxa yegazi labo.

4Ibandla lonke ezulwini liyakuphela,

izulu lisongwe njengomqulu;

ibandla lonke liyakubuna

njengokubuna kweqabunga emvinini,

nanjengokubuna kwekhiwane emkhiwaneni.

5Uma inkemba yami

isidle yaneliswa ezulwini,

iyokwehlela phezu kuka-Edomi

naphezu kwabantu engibamisele

ukubabhubhisa ngesehlulelo.

6USimakade unenkemba;

igcwele igazi,

izinonisile ngamanoni

egazi lezimvana nelezimbuzi,

nangamanoni ezinso zezinqama,

ngokuba uSimakade uyanikela umhlatshelo eseBhozira,

uyazihlabela kakhulu kwa-Edomi.

7Izinyathi ziyokuwa kanye nabo,

kuwe amavukana nezinkunzi ezinamandla.

Izwe labo liyogcwala igazi,

nothuli lwakhona lucifike amafutha.

8Ngokuba uSimakade unosuku lwempindiselo,

unonyaka wempindiselo ngenxa yeZiyoni.

9Imifudlana iyophenduka ikolitayi,

uthuli lwakhona lube yisibabule,

nezwe lakhona libe yikolitayi elivuthayo.

10Aliyukucinywa ubusuku nemini,

intuthu yalo iyothunqa yenyuke

kuze kube phakade.

Liyohlala liyincithakalo izizukulwane ngezizukulwane,

akukho muntu oyodabula kulo nanini.

11Liyakuba yifa lonogolantethe nenhloli,

kuyohlala isikhova negwababa kulo.

Uyokwelulela phezu kwalo

intambo yokukala yencithakalo,

nomthofu wokumisa okuyize.

12Bayolibiza ngokuthi: umbuso ongelutho,

abantu nezikhulu zalo

bayakuba yinto engelutho.

13Kuyakumila ameva namakhakhasi

ezindlini zamakhosi akhona,

izinqaba zalo zibe yikhaya lezimpisi,

nendawo yezintshe.

14Izilwane zasendle ziyakuhlangana nezimpisi,

kuyakumemezana izimbuzi eziyimilalandle,

imimoya emibi yasebusuku, ihlale khona,

izitholele indawo yokuphumula.

15Isikhova siyakuzakhela isidleke lapho,

sizalele kuso, size sichamsele,

sifukamele ethunzini laso;

kuyobuthana khona onhloyile,

yilowo nalowo nomngani wakhe.

16Funani encwadini kaSimakade, nifunde;

akukho nokukodwa kwalokhu okungeyukuvela,

ayikho engeyukuba namngani.

Ngokuba uyalezile ngomlomo wakhe,

noMoya wakhe wakuhlanganisa.

17Ukwenzele unkatho,

isandla sakhe sakukala ngentambo,

sababela, kwaba yifa labo laphakade,

izizukulwane ngezizukulwane ziyohlala kulo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help