UZakhariya 12 - IsiZulu 2020

Izibusiso Ngesikhathi Esizayo: Ukukhululwa, Insindiso NokuhlanzwaUZak. 12:1 – 13:6Ukukhululwa KweJerusalema Kwangomuso

1Isiphrofetho. Izwi likaSimakade ngo-Israyeli. USimakade wendlale izulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu ezibili zakhe, uthi:

2“Bheka, iJerusalema ngizolenza libe yindebe yokudakisa zonke izizwe nxazonke. ElakwaJuda nalo liyakubandakanyeka lapho kuvinjezelwa iJerusalema.

3Kuyakuthi ngalolo lusuku iJerusalema ngilenze libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe. Zonke ezizithwesa lona ziyakulimala kanzima. Izizwe zonke zomhlaba ziyakubuthana, zilihlanganyele.”

4USimakade uthi: “Ngalolo lusuku ngiyakushaya wonke amahhashi ngokudideka, nabagibeli bawo ngokuhlanya. Ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda ngiyihawukele, kodwa wonke amahhashi ezizwe ngiyakuwashaya ngobumpumputhe.

5Ababusi bakwaJuda bayakuthi ezinhliziyweni zabo: ‘Abakhileyo eJerusalema bangamandla ami ngoSimakade Wamabandla, uNkulunkulu wabo.’

6“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe njengembawula evuthayo phakathi kwezinkuni, babe njengesihlonti esivuthayo phakathi kwezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe. Bayakuqothula kwesokunene nakwesokhohlo zonke izizwe ezizungeze nxazonke. IJerusalema liyakuba sendaweni yalo futhi eJerusalema.

7“USimakade uyakuhlenga amathende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu kaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungabi lukhulu phezu kukaJuda.

8Ngalolo lusuku uSimakade uyakubavikela abakhileyo eJerusalema; okhubekayo kubo ngalolo lusuku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, ifane nengelosi kaSimakade phambi kwabo.

9Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiphokophelele ukushabalalisa izizwe zonke ezatheleka eJerusalema, zalihlasela.

Ukulilela Ogwaziweyo

10“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.

11Ngalolo lusuku kuyakuba khona isililo esikhulu eJerusalema njengesililo sokulilela uHadadi Rimoni, ethafeni iMegido.

12Izwe liyakulila, kulile umndeni nomndeni; umndeni wendlu kaDavide ulile wodwa, nabesifazane bawo balilele bodwa; umndeni wendlu kaNathani ulile wodwa, nabesifazane bawo balilele bodwa,

13umndeni wendlu kaLevi ulile wodwa, nabesifazane bawo balile bodwa, umndeni kaShimeyi ulile wodwa, nabesifazane bawo balile bodwa.

14Yonke imindeni eseleyo, imindeni ngemindeni iyakulila yodwa, nabesifazane bayo balile bodwa.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help