IGenesisi 10 - IsiZulu 2020

Izizukulwane Zamadodana KaNowa(1 IZik. 1:5-23)

1 Nanku umlando wamadodana kaNowa: uShemu, uHamu, noJafethi; nawo azala awawo amadodana emva kukazamcolo.

Amadodana KaJafethi

2 Amadodana kaJafethi kwakunguGomeri, uMagogi, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMeshekhe noThirasi.

3 Amadodana kaGomeri kwakungu-Ashikenazi, uRifathi, noThogama.

4 Amadodana kaJavani kwakungu-Elisha, uTharishishi, uKhithimi, noDodanimi.

5Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.

Amadodana KaHamu

6 Amadodana kaHamu kwakunguKhushe, uMizirayimi, uPhuthi, noKhanani.

7 Amadodana kaKhushe kwakunguSebha, uHavila, uSabitha, uRama, noSabhitheka. Amadodana kaRama kwakunguShebha noDedani.

8UKhushe wazala uNimrodi, iqhawe lokuqala emhlabeni.

9Wayeyiphisi elinamandla phambi kukaSimakade. Yingakho kunesisho esithi: “Kuhle kukaNimrodi iphisi elinamandla phambi kukaSimakade.”

10 Waqala ukubusa eBhabhele, e-Erekhi, e-Akhadi naseKhaline eShinari.

11 Wasuka kulelo lizwe walibangisa e-Asiriya lapho afike akha khona iNinive, iRehobhothi Iri, iKhala,

12 neReseni umuzi omkhulu ophakathi kweNinive neKhala.

13 UMizirayimi wazala amaLudi, ama-Anami, amaLehabi, amaNafethuhi,

14amaPhathrusi, namaKhasuluhi okwadabuka kubo amaFilisti nabaseKhafithori.

15 UKhanani wazibula ngoSidoni, kwalandela uHethi,

16nalezi zizwe: amaJebusi, ama-Amori, amaGirigashi,

17amaHivi, ama-Akhi, amaSini,

18ama-Arivadi, amaZemari, namaHamathi. Emveni kwalokho imindeni yamaKhanani yasabalala kulo lonke izwe,

19 imingcele yayo yayisuka eSidoni ibheke eGera kuze kube seGaza, iye eSodoma, eGomora, e-Adima, naseZebhoyimu, ize ifinyelele eLasha.

20Yilawa amadodana kaHamu ngokwemindeni nangezilimi, emazweni nasezizweni zawo:

21uShemu naye wazalelwa amadodana, ungukhokho waso sonke isizukulwane sabakwa-Ebhere nomnewabo kaJafethi.

Amadodana KaShemu

22 Amadodana kaShemu kwakungu-Elamu, u-Ashuri, u-Arifaksadi, uLudi no-Aramu.

23 Amadodana ka-Aramu kwakungu-Uzi, uHulu, uGetheri, noMashe.

24 U-Arifaksadi wazala uShela, uShela wazala u-Ebhere.

25 U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani.

26UJokithani wazala u-Alimodadi, uShelefu, uHazamavete, uJera,

27uHadoramu, u-Uzali, uDikila,

28u-Obhali, u-Abhimayeli, uShebha,

29u-Ofiri, uHavila noJobhabhu. Bonke laba babengamadodana kaJokithani.

30Indawo ababakhe kuyo yayisuka eMesha ize ifike eSefari, kwelezintaba empumalanga.

31Yilawo-ke amadodana kaShemu ngokwemindeni nangezilimi zawo, ezifundeni zawo nangokwezizwe zawo.

32 Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help