UJeremiya 45 - IsiZulu 2020

Isiphrofetho SikaJeremiya KuBharukhi

1Izwi uJeremiya, umphrofethi, alikhuluma kuBharukhi, indodana kaNeriya, ngesikhathi eloba lawa mazwi emqulwini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lithi:

2“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli kuwe Bharukhi:

3wena uthe: ‘Maye kimi! Ngokuba uSimakade wenezele usizi ezinhlungwini zami, ngikhathele ukububula, angikutholi ukuphumula.’

4“Uyakukhuluma kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uthi: bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukubhidliza, nalokho engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, kulo lonke izwe.

5Wena uzifunela izinto ezinkulu na? Qha, ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele kubantu bonke, kusho uSimakade, ngikunike ukuphila kwakho kube njengempango, kuzo zonke izindawo oyakuya kuzo.’ ”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help