2 KwabaseKhorinte 5 - IsiZulu 2020

Ukulangazelela Ikhaya Lasezulwini

1 Ngokuba siyazi ukuthi uma idokodo eliyindlu yethu yasemhlabeni lidilizwa, thina sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, engeyaphakade, esezulwini.

2 Ngenxa yalokho siyabubula, silangazelela ukuba sembathiswe indlu yethu yasezulwini,

3ukuze sithi sesiyikhumulile, singafunyanwa sihamba ze.

4 Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo siyabubula, siyasindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa, kodwa ukwembathiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila.

5 Kepha owasenzela lokho nguNkulunkulu, owasipha futhi isibambiso esinguMoya.

6 Ngakho-ke sihlala sinesibindi, sazi ukuthi nxa ikhaya lethu lisesemzimbeni, sehlukene nekhaya eliseNkosini,

7 ngokuba sihamba ngokukholwa, hhayi ngokubona.

8 Simi isibindi, singathanda ukwehlukana nekhaya elisemzimbeni, ukuba sibe sekhaya eliseNkosini.

9Ngakho-ke nakuba sisekhaya noma sehlukene nalo, siphokophele ukuba ngabathandekayo kuye.

10 Ngokuba thina sonke simelwe ukuba sibonakaliswe phambi kwesihlalo sikaKhristu sokwehlulela, ukuze yilowo nalowo amukeliswe njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni; noma okuhle noma okubi.

Ukubaluleka Kwenkonzo Yokubuyisana

11 Ngakho-ke njengalokhu sazi ukuthi kuyini ukwesaba uNkulunkulu, siyabancenga abantu. Kepha thina sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu, sibonakalisiwe.

12 Asizincomi futhi kini, kodwa sininika ithuba lokuzitusa ngathi, ukuze nikwazi ukuphendula labo abazigabisa ngokubonakalayo kungesikho okusenhliziyweni.

13 Ngokuba noma singathi siyahlanya, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu.

14Uthando lukaKhristu luyasiqhubezela; lokhu sibona ukuthi munye owafela bonke, ngakho-ke bonke sebafa;

15 wafela bonke ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele Yena owabafelayo, wabuye wavuka.

16 Kanjalo thina kusukela manje, asisazi muntu ngokwenyama; nakuba besimazi uKhristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.

17Ngokuba uma umuntu ekuKhristu, uyisidalwa esisha, okwakuqala kudlulile; sekuvele okusha.

18 Konke lokho kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKhristu, wasinika inkonzo yokubuyisana,

19 okungukuthi, uNkulunkulu ekuKhristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko, ebeka kithi izwi lokubuyisana.

20 Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”

21 Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help