UMshumayeli 5 - IsiZulu 2020

Yesaba UNkulunkulu (1)

1 Qaphela izinyathelo zakho nxa uya endlini kaNkulunkulu, kungcono ukusondela ulalele, kunokunikela umhlatshelo weziwula, ngokuba azikwazi ukubalekela ukwenza ububi.

2 Ungasheshi ukhulume

ngomlomo wakho,

futhi ungayivumeli inhliziyo yakho

iphimise izwi phambi

kukaNkulunkulu,

ngokuba Yena usezulwini,

wena usemhlabeni,

ngakho-ke mawabe mbalwa

amazwi akho.

3 Ngokuba iphupho livela

nemisebenzi eminingi;

nezwi lesiwula

linamagama amaningi.

4 Uma wenza isifungo kuNkulunkulu ungephuzi ukusifeza, ngokuba akazithokozeli iziwula. Sifeze isifungo sakho.

5 Kungcono ukungasenzi isifungo kunokuba ufunge kodwa ungafezi.

6 Umlomo wakho mawungakuholeli esonweni, ungasho phambi kwesithunywa ukuthi lokho kuliphutha. Kungani uNkulunkulu ewathukuthelela amazwi akho, abhubhise umsebenzi wezandla zakho na?

7 Lapho kunamaphupho amaningi, kukhona nokuyize, namazwi angelutho amaningi, kodwa mesabe uNkulunkulu.

8 Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.

9 Impumelelo yezwe isenkosini enakekela ukulinywa kwamasimu.

10 Othanda imali akaneliswa yiyo;

nothanda ingcebo akaneliswa yinzuzo ayitholayo,

nalokho kuyize.

11 Uma impahla yanda, bayanda nabayidlayo;

uzuzani umnikazi ngaphandle kokubuka ngeso na?

12 Kumnandi ukulala kosebenzayo,

noma ngabe udle kakhulu,

noma udle kancane,

kodwa ubuningi bengcebo

buyamqwashisa ocebileyo.

13 Ngibone ububi obudabukisayo phansi komthunzi welanga; ingcebo egcinwe ngumniniyo imlethela usizi.

14Lowo mcebo walahleka

ngendlela embi,

ngisho nendodana ayizalayo

ayangathola lutho.

15 Njengalokhu umuntu

aphuma enqunu

esizalweni sikanina,

kanjalo nalapho esehamba,

uyohamba enjalo,

kukho konke akusebenzile

akukho lutho

ayohamba nalo esandleni.

16 Nalokho kungububi obudabukisayo;

wafika kanjalo,

uzohamba kanjalo futhi,

nzuzoni ayitholile

ngokushikashikela umoya na?

17 Yebo, zonke izinsuku zakhe uzichithele ebumnyameni

nasosizini, nasekukhathazekeni

nasekuguleni nasolakeni.

18 Ngase ngiyabona ukuthi yini enhle nemnandi: ngukudla, ukuphuza, nokuthokozela wonke umshikashika awukhandlekele phansi komthunzi welanga, kulezi zinsukwana zokuphila uNkulunkulu amuphe zona, ngokuba kuyisabelo sakhe lokho.

19 Wonke umuntu uNkulunkulu amuphe umcebo, nempahla, namandla, makakuthokozele, asamukele isipho sakhe, ajabule ngomshikashika wakhe; lokhu kuyisipho asiphiwe nguNkulunkulu.

20Akayukuzikhumbula kakhulu izinsuku zokuphila kwakhe, ngokuba uNkulunkulu uhlala emgcwalise ngenjabulo enhliziyweni yakhe.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help