UHoziya 7 - IsiZulu 2020

Ukungazisoli Kuka-Israyeli

1“Lapho nje ngimphulukisa u-Israyeli,

kuyakuhlala obala isiphambeko sika-Efrayimi

nobubi beSamariya,

ngokuba benza inkohliso,

kwagqekeza amasela,

neqembu labaphangi lahlasela emigwaqweni.

2Abacabangi emiqondweni yabo

ukuthi ngibukhumbula bonke ububi babo.

Manje sebehaqwe yizenzo zabo,

eziphambi kobuso bami.

3“Bathokozisa inkosi ngobubi babo,

nezikhulu ngamanga abo.

4Bonke bayiziphingi,

banjengeziko elibaswe ngumbhaki,

oyekela ukukhwezela

kusukela ekuxoveni inhlama ize ikhukhumale.

5Ngosuku lwenkosi yethu

izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini;

yona yelula isandla sayo nezigebengu.

6Impela bashisisa izinhliziyo zabo

ngamacebo abo njengeziko,

umbhaki wabo ulala ubusuku bonke;

ekuseni livutha njengomlilo wamalangabi.

7Bonke bashisa njengeziko,

bashwabadela ababusi babo.

Wonke amakhosi abo awile,

akukho namunye phakathi kwabo ongibizayo.

8“U-Efrayimi uzihlanganisa nezizwe,

usephunduke iqebelengwana lesinkwa elingaphendulwanga.

9Abafokazi badle amandla akhe,

kodwa yena akazi;

izinwele zakhe seziyaqhakaza,

kepha yena akazi.

10Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe,

kodwa ababuyelanga kuSimakade uNkulunkulu wabo,

abamfunanga kukho konke lokho.

11“U-Efrayimi usenjengejuba elingenangqondo;

babize iGibhithe, baya e-Asiriya.

12Kuyakuthi lapho sebehamba,

ngiphonse inetha lami phezu kwabo,

ngibathele othulini njengezinyoni zezulu,

ngibabambe lapho ngizwa umbiko

ngokuhlangana kwabo.

13Maye kubo, ngokuba bangibalekele!

Bazokwehlelwa yinhlekelele,

ngokuba bangihlubukile.

Bengiyakubahlenga Mina,

kodwa bakhulume amanga ngami.

14Abakhalanga kimi ngenhliziyo yabo,

kodwa bahhewula emibhedeni yabo;

babuthana ngenxa yokusahlamvu

newayini elisha,

bangifulathela Mina.

15Mina ngabaqeqesha,

ngaqinisa izandla zabo,

kodwa bangakhela uzungu.

16Babuya, kodwa hhayi koPhezukonke,

babanjengomnsalo oxegayo;

abaholi babo bayakufa ngenkemba

ngenxa yokugxibha kolimi lwabo.

Bayakuba yinhlekisa eGibhithe.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help