AMahubo 87 - IsiZulu 2020

IJerusalema, Ikhaya LezizweElamadodana kaKhora. Ihubo

1Isisekelo sakhe sisezintabeni ezingcwele.

2USimakade uyawathanda amasango eZiyoni

kunayo yonke imizi kaJakobe.

3Kukhulunywa izinto ezidumisekayo ngawe,

muzi kaNkulunkulu. Sela

4Ngibala iRahabhi, neBhabhele

kulabo abazi mina,

bheka, iFilistiya, iThire neKhushe,

laba bazalelwa lapho.

5Kuyothiwa ngeZiyoni:

“Yilo, nalo bazalelwa khona,

Ophezukonke uyaliqinisa.”

6Mhla uSimakade eloba izizwe,

uyakubala ukuthi lo, wazalelwa khona. Sela

7Abahubayo nabasinayo bathi:

“Imithombo yami yonke ikuwe.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help