U-Izaya 22 - IsiZulu 2020

Isiphrofetho NgesiGodi Sombono

1Isiphrofetho ngesiGodi Sombono.

Kwenzenjani nize nonke ngothi lwenu,

nenyukele ophahleni lwendlu,

2muzi ogcwele ukumemeza,

muzi oxokozelayo,

nomuzi othokozayo na?

Ababuleweyo bakho ababulawanga ngenkemba,

futhi abafelanga empini.

3Bonke ababusi benu babaleke kanyekanye,

babanjwa ngaphandle kokusebenzisa iminsalo.

Bonke abakini abatholakala, babanjiwe

noma babebalekele kude.

4Ngalokho ngithi:

“Ningangibuki mina,

ngizonikhombisa umunyu ngokulila kalusizi;

ningazami ukungiduduza

ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.”

5Ngokuba wusuku lweNkosi uSimakade Wamabandla,

usuku lokukhathazeka nokucindezelwa,

lokudideka eSigodini Sombono;

usuku lokudilizwa kwezingange

nolokukhalela ukusizwa ezintabeni.

6I-Elamu lithathe umgodla

nezinqola zempi nabamahhashi;

iKhiri laveza isihlangu salo.

7Izigodi zakho ezikhethekileyo

zagcwala izinqola zempi,

abamahhashi abanamandla

bazihlela ngasesangweni.

8Usisusile isembozo sikaJuda.

Ngalolo lusuku wena wabheka

ezikhalini zendlu yehlathi.

9Nabona ukuthi miningi imifantu

emzini kaDavide,

nase niyokha amanzi echibini elisezansi.

10Nazibala izindlu zaseJerusalema,

nazibhidliza ukuze niqinise ugange.

11Nakhe indawo yokugcina amanzi

phakathi kwezindonga ezimbili,

ukugcina amanzi echibi elidala.

Kodwa anibhekanga kulowo owalenzayo,

animnakanga lowo okade wanquma ukulenza.

12Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla

wanibiza ukuba nikhale, nilile,

niphuce amakhanda,

nigqoke indwangu eyisaka,

13kodwa kunalokho kwakunenjabulo nedili,

kuhlatshwa izinkabi nezimvu,

kudliwa inyama,

kuphuzwa iwayini, nathi:

“Masidle, siphuze,

ngokuba kusasa sizokufa.”

14USimakade Wamabandla uzambulile ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi siphambeko aniyukuthethelelwa sona nize nife,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.

Isiphrofetho NgoShebhina No-Eliyakimi

15Isho kanje iNkosi uSimakade Wamabandla, ithi:

“Woza, uhambe

uye enduneni uShebhina

owengamele indlu, uthi kuye:

16‘Wenzani lapha?

Unobani lapha ohlobene naye,

ukuze uziqophele ithuna lapha,

uziqophele ithuna endaweni ephakeme,

uzisikele indawo yokuhlala edwaleni?’

17“Bheka, wena mlisa,

uSimakade uzokukulahla kude,

kabuhlungu,

uzakukubamba aqinise.

18Uyokusonga akuqinise,

akulahle njengebhola ezweni elibanzi.

Uyofela lapho;

izinqola zakho zodumo ziyolala lapho,

wena olihlazo lendlu yenkosi yakho.

19Ngiyakukwehlisa esikhundleni sakho,

ngikukhiphe emsebenzini wakho,

ngikuqumbe phansi.

20“Kuyothi ngalolo lusuku ngibize inceku yami; u-Eliyakimi, indodana kaHilikiya;

21ngimembathise ingubo yakho, ngimqinise ngebhande; ngiyakumnika esandleni amandla akho, abe nguyise wabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.

22Ngiyakubeka isihluthelelo sendlu kaDavide ehlombe lakhe; uyakuvula kungavali muntu, avale kungavuli muntu.

23Ngiyomqinisa njengesikhonkwane endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sokuhlonipheka endlini kayise.

24Bayakugaxa kuye lonke udumo lwendlu kayise, abozalo nezizukulwane, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.

25“Ngalolo lusuku,” kusho uSimakade Wamabandla. “Isikhonkwane esasibethelwe endaweni eqinileyo siyobhoncuka, sikhishwe, siyowa kuthi nomthwalo obukuso unqunywe,” kusho uSimakade.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help