U-Izaya 51 - IsiZulu 2020

USimakade Uyoliduduza IZiyoni

1“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga,

nina enifuna uSimakade.

Bhekani edwaleni eniqhezulwe kulo,

nasenkwalini enimbiwe kuyo.

2Bhekani ku-Abhrahama, ukhokho wenu,

nakuSara owanizalayo,

ngokuba ngambiza eyedwa vo,

kodwa ngambusisa, ngamandisa.

3Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni,

aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo;

enze ihlane lalo libe njenge-Edene,

nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade;

injabulo, nentokozo,

ukubonga, nezwi lokuhlabelela

kuyofunyanwa khona.

4“Ngizweni bantu bami,

nibeke indlebe kimi, sizwe sami,

ngokuba kuyakuphuma umthetho kimi,

nobulungiswa bami bube ngukukhanya ezizweni.

5Ukulunga kwami sekusondele,

insindiso yami isiphumile,

izingalo zami ziyokwehlulela izizwe;

iziqhingi ziyongilindela zethembele engalweni yami.

6Phakamiselani amehlo enu ezulwini,

nibheke emhlabeni phansi,

ngokuba izulu liyakunyamalala njengentuthu,

umhlaba uguge njengengubo,

nabakhileyo kuwo bafe njengomiyane,

kodwa insindiso yami iyakuma

kuze kube phakade,

nokulunga kwami akuyukuphela.

7“Ngilaleleni nina enazi ukulunga,

nina bantu abamthetho wami

usezinhliziyweni zabo;

ningakwesabi ukusolwa ngabantu,

ningapheli amandla lapho benithuka.

8Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo,

nebhu libadle njengoboya bezimvu,

kodwa ukulunga kwami kuyakuma

kuze kube phakade,

nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”

9Vuka, vuka, wembathe amandla,

wena ngalo kaSimakade,

vuka njengasezinsukwini zasendulo,

ezizukulwaneni zasemandulo.

Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi,

wagwaza udrago, na?

10Akuwena yini owomisa ulwandle,

amanzi asotweni,

owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela

okwawela ngayo abahlengiweyo na?

11Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya,

bafike eZiyoni bejabula.

Intokozo engapheliyo

iyoba semakhanda abo phakade,

bayothola injabulo nentokozo,

kubaleke usizi nokububula.

12“Mina, Mina nginguye oniduduzayo;

ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo,

nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?

13Usumkhohliwe uSimakade uMenzi wakho,

owaleneka izulu,

wabeka nesisekelo somhlaba.

Uthuthumele usuku lonke

ngenxa yolaka lomcindezeli,

ozilungiselela ukubhubhisa.

Kepha luphi ulaka lomcindezeli na?

14Othotshisiweyo uyosheshe akhululwe;

akayukufa,

akayukwehlela egodini,

futhi akayukuswela sinkwa.

15NginguSimakade uNkulunkulu wakho,

onyakazisa ulwandle,

amagagasi alo ahlokome;

nguSimakade Wamabandla, igama lakhe.

16Ngibeke amazwi ami emlonyeni wakho,

ngakufihla ethunzini lesandla sami;

ngeneke amazulu,

ngamisa isisekelo somhlaba,

ngathi eZiyoni:

‘Wena uyisizwe sami.’ ”

17Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema

ophuze esandleni sikaSimakade,

indebe yolaka lwakhe;

uphuze waminya esitsheni

sendebe yokutengezela.

18Akekho oliqondisayo

phakathi kwawo wonke amadodana eliwazeleyo.

Akekho olibamba ngesandla

kuwo wonke amadodana eliwakhulisileyo.

19Lezi zinto ezimbili zikwehlele;

ngubani onozwelo kuwe na?

Lapho wehlelwa yincithakalo, nokubhujiswa,

indlala nenkemba,

ngubani oyakukududuza na?

20Amadodana akho adangele,

alala emakhoneni emigwaqo yonke

njengenyamazane esihibeni,

agcwele ulaka lukaSimakade

nesixwayiso sikaNkulunkulu wakho.

21Ngakho-ke yizwa lokhu

wena ohluphekayo nodakiweyo,

kodwa kungeyilo iwayini;

22isho kanje iNkosi yakho,

uSimakade, uNkulunkulu wakho,

Yona emela indaba yabantu bayo, ithi:

“Bheka, ngiyisusile esandleni sakho

indebe yokuntengezela;

awuseyukubuye uphuze endebeni yolaka lwami.

23Ngiyoyibeka esandleni sabakuhluphayo,

abathi kuwe:

‘Khothama, sihambe phezu kwakho;’

abenze umhlane wakho waba njengomhlabathi,

nanjengomgwaqo kulabo abedlulayo.”

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help