IGenesisi 49 - IsiZulu 2020

UJakobe Ubusisa Amadodana Akhe

1 UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Buthanani ukuze nginitshele okuzonehlela ezinsukwini ezizayo.

2“Hlanganani, nilalele madodana kaJakobe,

lalelani uyihlo u-Israyeli.

3 “Wena Rubeni uyizibulo lami,

ungamandla ami,

engabonakalisa ngawo ubudoda bami,

uyingqongqo, unesithunzi,

ingqongqo enamandla ukubedlula bonke.

4 Ubikizela njengamanzi omfula,

kodwa ngeke usaba yingqongqo,

ngoba wakhwela embhedeni kayihlo,

wawungcolisa;

wakhwela embhedeni wami.

5 “USimeyoni noLevi yizelamani,

izinkemba zabo ziyizikhali zobudlova.

6 Umphefumulo wami mawungangeni emkhandlwini wabo,

ungazibandakanyi nomgwamanda wabo,

ngoba ekuthukutheleni kwabo babulala abantu,

bagenca izinkabi imisipha.

7 Maluqalekiswe ulaka lwabo

ngokuba luyavutha,

nentukuthelo yabo

ngokuba iwunya.

Ngizobehlukanisela kwaJakobe,

ngibahlakazele kwa-Israyeli.

8 “Juda, abafowenu bayokudumisa.

Isandla sakho siyohlala

entanyeni yezitha zakho,

amadodana kayihlo akukhothamele.

9 UJuda uyibhongo lengonyama.

Wenyuke empangweni ndodana yami.

Uguqe, wacutha njengengonyama nanjengengonyamakazi,

ngubani ongake akuvuse na?

10 Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda,

nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe

phakathi kwezinyawo zakhe,

kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe;

nezizwe ziyakumlalela.

11 Ubophela ithole lembongolo yakhe emvinini,

nethole lembongolo emvinini wekhethelo.

Uhlanza izingubo zakhe ewayinini,

nezambatho zakhe ngegazi lezithelo zomvini.

12Amehlo akhe ayakuba bomvu yiwayini,

amazinyo akhe abe mhlophe kunobisi.

13 “UZabuloni uyokwakha ngasogwini lolwandle,

abe ngasechwebeni lemikhumbi,

imingcele yakhe iyoze ishaye eSidoni.

14 “U-Isakhari uyimbongolo enamandla,

elala phakathi kwezibaya.

15Uzothi angabona ukuthi izwe lihle,

liyindawo yokuphumula,

athobise ihlombe lakhe,

ukuze athwale umthwalo,

aphenduke isigqila esingakhokhelwa.

16 “UDani uyohola abantu bakhe

njengesinye sezizwana zakwa-Israyeli.

17UDani uyoba yinyoka ngasendleleni,

ihobosha emzileni eliluma izithende zehhashi,

ukuze umgibeli walo awe nyovane.

18 Nkulunkulu,

ngiyilindele ngokulangazelela

insindiso yakho.

19 “UGadi uyogaselwa yiviyo,

kodwa yena uyolihlasela selibaleka.

20 “U-Asheri uyokudla okunonileyo,

akhiqize ukudla okufanele amakhosi.

21 “UNafethali uyindluzelekazi ekhululekileyo,

ekhuluma amazwi amnandi.

22 “UJosefa ungumuthi othelayo,

ongasesiphethwini,

omagatsha awo akhwela odongeni.

23Abacibayo bamhlasela kanzima,

bembambele amagqubu,

futhi bangamaciko okuciba.

24 Nokho wawubamba umcibisholo wakhe,

zaqiniswa izingalo zakhe

ngonaMandla kaJakobe,

okuvela kuye uMelusi oyidwala lika-Israyeli,

25 ngoNkulunkulu kayihlo ozokusiza,

ngoSomandla ozokubusisa

ngezibusiso zasezulwini phezulu,

nezibusiso zasemajukujukwini omhlaba,

nangezibusiso zamabele nezesibeletho.

26 Izibusiso zikayihlo ziqinile

kunezibusiso zokhokho bami,

zifinyelela ezintabeni zaphakade.

Sengathi lezi zibusiso,

zingehlela ekhanda likaJosefa,

nasebunzini lakhe owehlukaniswa kubafowabo.

27 “UBhenjamini uyimpisi entwengulayo;

ekuseni udla akubambileyo,

kusihlwa ahlukanise akuphangileyo.”

28Bonke laba yizizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilokho uyise akukhuluma ngesikhathi ebabusisa, ebusisa yilowo nalowo ngesibusiso esimfaneleyo.

29UJakobe wabayala, wathi: “Sengizokufa ngingcwatshwe nobabamkhulu. Ngimbeleni nokhokho bami emgedeni osensimini ka-Efroni, umHithi,

30 emgedeni osensimini eMakhaphela eseduze kweMamre eKhanani, ensimini u-Abhrahama ayithenga ku-Efroni, umHithi, ukuba ibe yindawo yokungcwaba.

31 Kulapho u-Abhrahama noSara umkakhe bangcwatshwa khona, kulapho futhi no-Isaka nomkakhe uRibheka bengcwatshwe khona, nami ngamngcwaba lapho uLeya.

32Insimu nomgede okuyo kwathengwa kumaHithi.”

33 Lapho uJakobe eseqedile ukukhuluma namadodana akhe, wagoqa izinyawo wazikhweza embhedeni, waphuma umphefumulo, wangcwatshwa nabakubo.

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help