U-Izaya 2 - IsiZulu 2020

Intaba Yendlu KaSimakade

1Indaba eyabonwa ngu-Izaya, indodana ka-Amozi, maqondana noJuda neJerusalema.

2Kuyothi ngezinsuku zokugcina,

intaba yendlu kaSimakade

imiswe njengephakeme kunezintaba,

iphakame kunamagquma;

zonke izizwe ziyakugobhozela kuyo.

3Abantu abaningi bayofika, bathi:

“Wozani senyukele entabeni kaSimakade,

endlini kaNkulunkulu kaJakobe,

ukuze asifundise izindlela zakhe,

sihambe emikhondweni yakhe,”

ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni,

nezwi likaSimakade, eJerusalema.

4Uyokwehlulela phakathi kwezizwe,

axazulule imibango yezizwe eziningi.

Ziyocangcatha izinkemba zazo zibe ngamageja,

nemikhonto yazo ibe ngocelemba.

Isizwe asiyukuphakamisela esinye inkemba,

zingabe zisaviviselwa ukulwa.

5Wena ndlu kaJakobe,

woza sihambe ekukhanyeni kukaSimakade.

Usuku LukaSimakade

6Ubalahlile abantu bakho,

indlu kaJakobe,

ngokuba isigcwele imikhuba yasempumalanga;

sebengabalumbi njengamaFilisti,

bamdibimunye nabantwana babezizwe.

7Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide,

ingcebo yabo ayinakubalwa;

izwe labo ligcwele amahhashi,

izinqola zabo zempi azinakubalwa.

8Izwe lakubo ligcwele izithombe ezibaziweyo;

bakhothamela umsebenzi wezandla zabo,

owenziwe yiminwe yabo.

9Ngakho-ke bonke abantu bathotshisiwe,

bonke behliswa isithunzi;

ungabathetheleli.

10Ngena edwaleni, ucashe othulini,

ngenxa yokwesabeka kukaSimakade

nenkazimulo yobukhosi bakhe.

11Amehlo omuntu oziphakamisayo azakuthotshiswa,

nokuzidla kwabantu kufojiswe;

nguSimakade kuphela oyophakama ngalolo lusuku.

12Ngokuba uSimakade Wamabandla umise usuku

ayakumelana ngalo nabo bonke

abazidlayo, abazigqajayo nabazikhukhumezayo,

bonke bayothotshiswa;

13amelane nayo yonke imisedari eLebhanoni

ezidlayo nephakemeyo,

nayo yonke imi-okhi eBhashani,

14nazo zonke izintaba eziphakemeyo,

nawo wonke amagquma aphakemeyo,

15nayo yonke imibhoshongo ephakemeyo,

nazo zonke izingange eziqinisiweyo,

16nemikhumbi yonke eTharishishi,

nazo zonke izinto ezinxanelekayo.

17Ukuzidla kwabantu kuyothotshiswa,

nokuzikhukhumeza kwabantu kuyofojiswa;

nguSimakade kuphela oyophakanyiswa ngalolo lusuku.

18Izithombe ezibaziweyo ziyoshabalala.

19Abantu bayongena emigedeni esemadwaleni,

nasemigodini emhlabathini,

bebalekela ukwesabeka kukaSimakade

nenkazimulo yobukhosi bakhe,

lapho ephakama ukuthuthumelisa umhlaba.

20Ngalolo lusuku

abantu bayozilahla ezimvukuzaneni nasemalulwaneni,

izithombe zabo zesiliva

nezithombe zabo zegolide,

abazenzele zona ukuba bazikhonze.

21Bayongena emihumeni esemadwaleni

nasemifantwini yamawa,

bebalekela ukwesabeka kukaSimakade

nenkazimulo yobukhosi bakhe,

lapho ekhuphuka ukuthuthumelisa umhlaba.

22Bayekeni abantu abamphefumulo usemakhaleni abo,

ngokuba bayini nje nempela?

Blog
About Us
Message
Site Map

Who We AreWhat We EelieveWhat We Do

Terms of UsePrivacy Notice

2025 by iamachristian.org,Inc All rights reserved.

Home
Gospel
Question
Blog
Help